Uzobuya Poem by senzokhaya umhayi

Uzobuya

Ngajabula lapho ngibona inhlamvu yelanga ize inyuka ngihleli naye,
Indlela engangisemathandweni ngayo angibange ngisabheka ukuthi liyashona,
Lishona nje nami liyangishonela,
Kwaba muncu lapho sekumele ngimudedele egoduke,
Kepha wabe esengicisha isilokozane ngesinqandu,
Impela wangefumbathisa isithembiso engasibamba njesikhali samantungwa,
Wathi uzobuya

Ngihleli ngiqhoshe phezu kwethemba,
Lokuthi njengoba lihamba nje ilanga,
Lishona kule mini,
Liye liyophuma sekungenye imini,
Izinsuku zokumbona nazo futhi ziyanyelela,
Uzongithola ngisaphuza khona emthonjeni,
Inqakala ngisayichopha khona emgelezweni,
Emlanjeni lapho engaligqoka khona ucu lwakhe,
Ngisamlindile ukuthi abuye,

Impela ngizogijima ngishiye isithunzi ngijahe ukuyokwemengama,
Impela kuyophela amathe lapho ngixabana naye ngesinqandi,
Ngizomubamba kuphele amahora,
Kuzolamula ukulahleka kwenhlamvu yelanga,
Nakho ngizomdedela size sidanse ngonyezi,
Impela okuhle nokothando kuzomulandela,
Lapho ebuya angeke ngisamdedela.

Kujabula lelo langa eliphezulu,
Lona elibona wonke umhlaba,
Lona eliwela ngale kwezintaba lingibonele yena,
Kudela lawomathonsi emvula,
Wona anetha ngisho ngaphesheya kwamagquma,
Angithintela yena ezindaweni engizithandayo,
Kudela leyo mimoya,
Yona ebhenguza phesheya kwamawa,
Ifike ingiphophothela yena,
Ze ethi uma evela ngalelo langa azobuya ngalo,
Emehlweni ami evele emomotheka,
Ziyathokoza lezo zinyoni ezishaya umzwilili ngaphesheya kwamahlathi,
Ezingilolozelela yena ze efikilwe ukozela ephuphe ngami,
Ethi uma evuka engikhumbule nami.

Ngihlale nginethezeke ethembeni,

POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Uzobuya

By senzokhaya, © 2013, All rights reserved.
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success