Ngimbonile Ufikile Uhambile Poem by senzokhaya umhayi

Ngimbonile Ufikile Uhambile

Rating: 5.0


Ngimbonil' ufikil' uhambile.

Uthando lungenzile,
Ngikhumbula lawo malanga ngisemncanyana,
Ngingakalwaz' uthando lomunt' emhlabeni,
Ngingakaze ngithande munt' ezweni,
Bengihlala nogogo emakhaya,
Impilo biyinhle ekuphileni ngalezonsuk'
Kepha namhlanj' izinto zijikile impil' ingishintshele,
Ngithath' uthando ngalufak' enhlizwiyweni,
Ngabek' ithemba lami kumuntu ngasondeza othi uyangithanda eduze kwami,
Ngamnikeza lonk' uthando ebenginalo empilweni,
Wangithembis wath akasoze wangishiya,
Wathe empilweni yakh' akekho omunye yim ithemba lakhe,
Impel' ithemb' alibulali,
Yebo ngimbonile ufikile phampi kwami,
Bese siside isikhathi ngimlindile,
Ngihlel' ngensizwa ngizongile,
Ngibheke phansi ngizothile,
Bengihlek' abangan' bam bethi ngishimile,
Bekufana nje nokuth' bebezishaya ngendlebe etsheni,
Ngibashay indiva ngazi kahle ukuthi ngilind' ithemba lami,
Bengaz' kahl' ukuthi liyez' ilanga lami,
Lapho nami ngizojabula ngibe nothandiweyo wami,
Bese kukade ngamngimlindile,
Ufikile ngimbonile kodw' usehambile,

Bese ngizitshelil ukuth sengimtholile,
Bese ngimkhethile sengith sengimzuzile kant' oyishayile akakayosi, noseyosile akakayidl' noseyidlil usedl' icala,
Icala lami ngiyasol ngisuk ngay' khulumel emlilweni,
Isono sami ngisheshe ngamfak' enhlizweyi,
Kant abafeth basazong' phuc iqath' emlonyeni,
Sengiphenduk' inhlekis' ebantwin,
Sengifana nohlany emphakathini,
Bayang'buz uphi lo bes'kbona nay' emqwaqeni,
Bayang'buz uphi lo obus'chomela ngay' izolo ephathini,
Izimpendolo zidl' ogageni,
Ekhanda lami kusadum' upotiyan'
Angimaz ushonephi,
Kodwa ngimbonil' ufikil' udlulile,

Yen' ufikile ngimbambile ngimthandile,
Naye ungitshelil ukuth ungthandile,
Kepha manje amath' am abuyel kwas'fumbu ngob' usengishiye,
Amathemba ayafiphala ngob' naye uvele waphelele emoyen' njengentuthu,
Vele abafeth' babeshilo bathi lo umlilo wamaphepha,
Bheka manje sengisele ngedw' estikini,
Kushuth ubeman' engimbambabula nje ngemfe ephindiwe,
Ushaye waphindelel enxebeni,
Washiy' isibazi engiyosbuk' inguna phakade,
Ubethe uzongithand kuze kube phakade kodwa usengishiyile,
Isifiso sami ukuthi lesibazi asishiyile kimi sivele siphenduk' uthando lwakhe,
Ngoba sona ngizos'hlala nas' inguna phakade,
Yena ngimbonil' ufikile uhambile,

Kube ukuphazima kweso nje ngifulathele,
Ngathi sengiphenduk' thandolwam' wawulana lutho sebelutsholile,
Abafethu sebemthathile,
Abalisa sebemebile,
Khala lila linda xola phola nhliziyo yami,
Ulale ngenxeba wehlise umoya,
Akukho soka ladla kahle izimbangi zikhala,
Ngizokhala zome,

Yebo zimzwil' izindle zami ufikile,
Izandla zami zimthintile,
Okuthokozise amehlo nje ukuthi ngimbonile,
Okukhalisi inhliziy' ukuthi usehambile,
Okubuhlung' ukuthi ukuthi usahlel emqondweni,
Kodwa okungikhalisay' ukuthi usedlulile kimi,
Namhlanje ngonakele ngaphakathi,
Ngimbonil' ufikil' usehambile.

USenzokhaya Umhayi.

Monday, September 15, 2014
Topic(s) of this poem: love hurts
COMMENTS OF THE POEM
Senamile Zulu 06 January 2023

'Khala lila linda xola phola nhliziyo yami, '..............finish. Dankoooo

0 0 Reply
Senamile Zulu 06 January 2023

Khala lila linda xola phola nhliziyo yami,

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success