Treasure Island

senzokhaya umhayi

(1991/07/30 / Mtubatuba)

Ake Ngivuke


Ake ngivuke ngihlome ngihlasele,
Ngikhahlel' ingubo ngitshakadule,
Ngiphume ngiye hlane ngiyovundulula,
Ngipheke ngithulule osekuvuthiwe,
Ngichithe esekuvundil' okwayizolo,
Angibhule amazolo ngiy' ebandla,
Ngigez' izandla ngicele kuso Mandla,
Ngemukele ngentokozo ngifake nomdlandla,

Ake ngivuke ngihlome ngihlasele,
Sebeme ngomumo o Van der merwe,
Bahlomile bahlomile bukhal' njengameva,
Ake ngithath' umkhonto wesizwe esisha ngihlasele,
Amapheph' amhloph' avivel' usiba,
Iminjunju nemivimbo yayizolo ngizoyiziba,
Ake ngivuke ngihlome ngihlasele,

Obamathongo ubuthongo bunguna phakade,
Okwamaphupho okwenhlamvu yelang' edlula kanye ngosuku,
Ngingefane nembila eyaswel' umsila,
Angizinikele ngiziphul' amathambo,
Ngikhase ngizinikel' ngiyogubh' impande,
Nom' kungeyesono keph' iyalugez' usizi.
Ixosh' nekat' eziko,

Ake ngivuke ngihlome ngihlasele.

By senzokhaya umhayi

Submitted: Saturday, April 20, 2013
Edited: Monday, September 30, 2013

Do you like this poem?
1 person liked.
0 person did not like.

What do you think this poem is about?



Read this poem in other languages

This poem has not been translated into any other language yet.

I would like to translate this poem »

word flags

What do you think this poem is about?

Comments about this poem (Ake Ngivuke by senzokhaya umhayi )

Enter the verification code :

  • Siyabonga a Nxumalo (8/23/2013 3:51:00 AM)

    Mfana wakithi, muhle lomndiyazo ungenza ngizululeke, ngininge ngekusasa lenstha yakithi eseyaba ngobhekukwenzelwa libe ilanga lishona. iminjunju isiququda kayiphezi thina esibuka ububi ebuhleni, sibuke ubuhle ebubini. siyafa isizwe sikaPhunga noMageba.

    inhliziyo yami iyathokoza kakhulu ngofunda lombhalo wakho..
    asiyilwe ngamabhuku lempi.
    Siya_! ! (Report) Reply

Read all 1 comments »
[Hata Bildir]