Ngibhal' I Orbituary Poem by senzokhaya umhayi

Ngibhal' I Orbituary



Ngiqoph' I orbirtuary

Ngihleka nawe nsizwayakwethu,
Ngincokola nawe zakwethu,
Manje sesize saba nobudlelwane phakathi kwethu,
Yebo saficana khona lapha emhlabeni,
Sizophinde sishiyane khona lapha koshisayo,
Sizazoshiyana siye silibangise kobandayo,
Ubungani buzosala ephepheni,
Ngiqoph' I orbirtuary.

Umhlaba useyinkundla yeshashalazi okwamanje,
Ngisagcaluza ngigcwale isiganga,
Ungibheke ngamehlo akho engiwafanisa nesiqopha mbukiso,
Lisazoshona elingaliyo iphepha lidinga umlando wami,
Uze ungibhekisise kahle noma ngiganga,
Uze ubhale ngami ungawaqambi amanga,
Ngiqoph' i orbirtuary

Kunensizwa engingayazi ezodinga ukungazi,
Kunentomb engingazange ngayiqabuka ezolangazelela ukuzwa amanqampuqhampu ngami,
Lapho uqephuza ngeziqephu zami,
Ugeqe amagula ungashiy' nambilisi,
Njengoba ngisekhona ungibhekisise,
Mthwebuli we orbirtuary yami,

Noma sengilele e mortuary uze uyibuyekeze,
Lendaba ngiyixoxa ngisaphila,
Lencwadi ngikufundela yona usangizwa,
Yidonse ngamakhala ihlale emqondweni wakho njengempepho,
Uyibheme ngamakhala akho njengesinemfu,
Ze uyithimule sengithule,
Le orbituary

Sizophela isiqephu salencwadi yami,
Itshe lizobhalwa phezu kwencwaba lami,
Njengoqwebhe lwencwadi encwele,
Lize libe nesiphambano negama lami,
Igama lomdlali ngaphansi kwesiphambano,
Uze ubafundele abathandiweyo bami,
Le orbirtuary ngiyiqopha ubhekile,
Ngiqoph' I orbirtuary yami

By Sєиzσkнαуα Uмнαуi, © 2013, All rights reserved.

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success