senzokhaya umhayi

(1991/07/30 / Mtubatuba)

Hamba Moy' Omubi


Hamba moy' omubi

Umphefumulo odunguza ekugudleni komfula,
Umphefumulo ontweza namagagasi olwandle,
Umoya ophephuka neziphepho ezintabeni,
Umoya ondiza namaphepha emgwaqeni,
Isiphepho esisukuma nomhlabathi siwutshale emoyeni,
Inhlwelwa busuku emhlabeni wesibili,

Insimbi eyamemeza kwangathi ukuduma kwezulu,
Isidumbu esaqithika kwangathi kuwa inyoni,
Igazi elageleza kwathuleka kwangathi kufe umiyane,
Manje sengikuthathe ngakubeka lana,
Isidumbu sami sisalele ndengelezi laphaya,
Akekho omubonile ngaphandle kwami naye,
Umbulali wami usephenduke ufakazi wokubulawa kwami,
Naye akabonanga muntu,

Manje ngingaphesheya ngihlukaniswe inyama nomphefumulo,
Umuntu onjengami ubhidlize umshado wenyama nomphefumulo,
Ugqashule igoda elaboshwa uMdali,
Ngizamile ukuzishutheka ngibuyisele okomphefumulo enyameni,
Kepha imfihlakalo eka Mdali,

Sengimile lapha nginethwa izimvula,
Ngihamba ngomoya sengaba umoya,
Uma ngiqhamuka bangibiza ngazo zonke,
'Hamba moya omubi'
Kepha angone muntu ngizofakazela inyama nomphefumlo wami.
Okuhlukaniswe ngokungenhloso yo Mdali nomhlanganisi wakho.
Ngisalinde kuba ziphele ngokubekiwe Nguye izinsuku zami zokuphila.

Hamba moy' omubi.

By senzokhaya, © 2013, All rights reserved.

Submitted: Tuesday, November 19, 2013
Edited: Wednesday, November 20, 2013

Do you like this poem?
0 person liked.
0 person did not like.

Read this poem in other languages

This poem has not been translated into any other language yet.

I would like to translate this poem »

word flags

What do you think this poem is about?

Comments about this poem (Hamba Moy' Omubi by senzokhaya umhayi )

Enter the verification code :

There is no comment submitted by members..

Top Poems

  1. Phenomenal Woman
    Maya Angelou
  2. The Road Not Taken
    Robert Frost
  3. If You Forget Me
    Pablo Neruda
  4. Still I Rise
    Maya Angelou
  5. Dreams
    Langston Hughes
  6. Annabel Lee
    Edgar Allan Poe
  7. If
    Rudyard Kipling
  8. Stopping by Woods on a Snowy Evening
    Robert Frost
  9. I Know Why The Caged Bird Sings
    Maya Angelou
  10. Invictus
    William Ernest Henley

PoemHunter.com Updates

New Poems

  1. Ghost, Jhonas Lumanlan
  2. Eagerly I want to go with you, Gert Strydom
  3. Prayer and Women, Abdullah alHemaidy
  4. Love is far more than just lust or desir.., Gert Strydom
  5. Lie To Me, Rouren Torres
  6. The Fight, Robert Melliard
  7. Paying Taxes, Randy McClave
  8. हांमा गोनां जिव, Bahadur Basumatary
  9. I Knew What You Knew, Vera Sidhwa
  10. Wearing the Flaws, Gerry Legister

Poem of the Day

poet Edmund Spenser

Of this worlds theatre in which we stay,
My love like the spectator ydly sits
Beholding me that all the pageants play,
Disguysing diversly my troubled wits.
...... Read complete »

   
[Hata Bildir]