Underground poet
Ibhadi lezinkondlo zami,
okanye isandla sami asibhali siye sithinte emanonini abo
okanye ngihaya belele bengalitholi ithuba lokulalela,
Noma imibhalo yami ayifundeki iyabaxhopha emehlweni,
Ngiyofike ngibabone naphambili ngithi sasi sonke ebunkondlweni,
Kepha zange sishiyelane inkundla,
Soze ngavela njenge langa ngithanyelwe yibo bonke,
angisoze ngaduma njengezulu bengithobele bonke,
Ngiyobabonga engihlale nabo phansi ngalalela nabo,
Saxhawulana kwamenywana,
noma abanye bengavelanga,
nesimemo kwabanye asifikanga,
nakwezami izandla asiqathakanga,
kepha okuhle ukuthi ezinyaweni angiboshwanga,
ngiyohamba ngifike kwelabo izinga,
ngibabuze ngendumezulu eyedlule,
lapho mina ngingavelanga.
Ngizolibonga ithuba engingalinikwanga,
Ngigxeke leli engilinikiwe,
ngikhalele inkondlo zami engingayihlwanyelanga,
ezingafika nginethuba lokuzidlulisa ezindlebeni ezilambileyo,
Ngiyokhala bengizwe abanesihe,
bethi kodwa wayekuphi ngonyaka owedlule,
Soze ngabatshela ngesengidlule kuzo(izinkondlo)
Ngizobahayela le ezobe iphambi kwami ngaleyo nkathi,
Ngixhopha iso elingasiboni sibe siphambi kwalo,
Izindlebe ezingasizwa sibe sihaya,
Nginqonqoza eminyango esivalelwe kuyo kepha ingakhiyiwe,
Ngiphansi nabafowethu nodadewethu sibuka abaphezulu,
Siphakamisi izandla kepha kuthiwa asilindeni,
Siyapheka sibaphakele bengakudli,
bethi inhlaza lena esikuphekayo akuvuthiwe,
kodwa bebe bengakunambithanga,
bengazihlupha ngisho nokuzwa iphunga lakho,
Siyababoni ngoba siphansi asibhekile phansi,
USenzokhaya Senzokhaya Umhayi
I am an underground Poet.
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem