Ungibonisile Poem by senzokhaya umhayi

Ungibonisile



Yebo ungibonisile.

Ungivule amehlo wangibonis' impilo,
Bengihamba ngigxumagxuma wangikhuba ngawa ngabhadalala ngesisu,
Esidlangalaleni wangiphendul' insini,
Bangihleka ngeluli sandla sami,
Ngithi uzoz' uzozam' ukuzong'vusa,
Kepha wafulathela washay wachitha,
Wanyamalala wajubalala wangabheka nasemuva,
Ngasala ngakhala ngabala,
Izethembis' ozenz' ebumnyameni,
Sibabil' ebumnandin' bemizwa,
Ngikuzw' ubal' ubalis' ngenhlupheko,
Ungibhalis' emaphusheni akho,
Ung'bal' emndenini wakho,
Wath' ngizoba umfaz' emzini wakho,

Bengikwethemb' ubek' ithemba enhliziyweni yami,
Ngibeke ithemba lami kuwe njengesibani sami ebumnyameni,
Kepha wavele wangicishela phakathi nobusuku sengikudinga,
Mina bengithi uzoba nami emfudumalweni yakho,
Njengoba besindawonye emakhazeni asebusika,
Bengithi uzongigqokis' ingubo yomshando,
Njengokungehlisa kwakho iphenti,
Ngithembile ukuthi uyongifak' indandatho emnweni,
Njengokuzigqokisa kwakho ijazi lomkhwenyana,
Bengithi ngiyokuba ngowakh' esigcwawini ube umkhenyana,
Ngesithembiso sakho bengiyokuba umakoti eduze kwakho,
Ngibe nawe esigcwani kube kuhle kwethu,
Kepha namhlanje ngivula amehlo ngibona kuhle kwenu,

Ngizokushayel' ihlomb' empumelelweni yakho,
Noma ngingasekho eduze kwakho njengokungithembisa kwakho,
Kepha ngiyokuba isithameli emshadweni wakho,
Ngizomuhalalisela nalona ozongena naye emgcagcweni,
Ngiyokuba isibukeli esigcawini lapho umfaki indandath' emnweni,
Umthath' uhamba naye ngiyokubhek' emehlweni,
Ngize ngikufisele nenjabulo yodw' emendweni,
Uma ngithol' ithuba ngizosondela ngikuhlom' ipheph' elibomv' enhlokweni,
Uze ungangixwayi ebantwini,
Ngizobe ngize ngokuhle kodwa,
Ngizohalalisel' intokazi yasezweni ngokuthol' insizwa yezithembiso ezinsizweni,
Ngizobon' ngifakazise nangaphakathi,
Ukuth' ungibonisile ebengingakwazi,

Izinhlungu ngikhala ngobuntombi bami,
Ngangithi nami ngiyobuqaq' emendweni,
Ngenkomo kamama owayihlaba wayihlikiza,
Wath' izinkomo kini zilala phandle zeswel' isibaya,
Ubala ungaqedi uthi uzongilobol' ugijima,
Ngalutheka ngalibala ngavula ngathemba ngathanda,
Kwaba buhlungu kwagcina kumnandi,
Wangeqa qili,
Wageqa amagula wangashiya nasilaza,
Wangishaya ngaphambili wangadela,
Wangishaya nangemuva wanganeliseka,
Wadla waxhapha njengenja waye wacikeka,
Wadlula washiya wayozingela phambili njengephisi,
Wangishiya nginabile ngibambe ongezansi,
Ngivule amehlo ngibonile,

Ndoda ungibolisile,
Ungiqedile namhlanje angiyakungena emendweni,
Kukho nsizwa yakhetha mina ezintombini,
Namhlanje wena uhambe wayokheth' ezisachama kudabuk' umhlabath' emhlangeni,
Ukhohliwe inxiwa lakho obukad' ulal' uvuka kulo,
Uhambe wayovun' emathangeni asebushelelezi,
Washovela nganxany' law' okade wawugudla ngegeja eshiswa ilanga,
Uze ugawule ubheke naphambili bayokubamba,
Ze uwubambe uqine lowo mshado,
Nami ngiyokuthandazela eNkosini yami,
Izethembiso zakho zonke zibe impumelelo,
Wawuthe mina nawe siyohlukaniswa ukufa.
Khona ungibonisile...

USenzokhaya Umhayi.

Monday, September 15, 2014
Topic(s) of this poem: love hurts
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success