**kukhona Ibadlana Eliqgamile Lombala Oluhlaza Poem by LLM Mbatha

**kukhona Ibadlana Eliqgamile Lombala Oluhlaza

Rating: 2.7


Kukhona ibadlana eliqgamile lom'bala oluhlaza
Lihlezi emathangeni eNtaba yeTafula
Njengoba ime sakuguqa ngamadolo phansi
Kodwa kangiluboni uqobo lwe langa
Mina lapho engihleli khona
Kuphela ngiboba imisebe yalo ehlabayo
Ngilindile ngesineke ebhalikhoni yakwami
Ngibheke le ntokazi yakwaXhosa
Enyathela sengathi indiza emoyeni
Ihlala ngezansi kwawo lomgwaqo
Izothi lapho idlula ingithi kwi ngeso layo
Imamatheke maqede iphakamise isandla
Mhlawumbe nam’hlanje ngiyokwazi ukuyicela uxolo
Ingimele nje kancane bese ingipha igama layo

COMMENTS OF THE POEM
Siyabonga A Nxumalo 21 May 2013

Ulisoka Sontshikazi, imnandi idlula uju lwezinyosi, ipholile okomtshingo wejubantonto, ngathi wukuholobha kwezimpophoma zemfolozi. Siya_! !

0 0 Reply

Wow! Bhuti Wam Ithandwa Ndim Uqobo Ke Le. Ndiyabulela Kwaye Ndothulwa Umnqwazi Ukubona Ulwimi Lwenkobe.

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
1 / 96
LLM Mbatha

LLM Mbatha

kwa-Zulu, SA
Close
Error Success