[zulu, Inkondlo] Imbali Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Imbali

Rating: 2.9


ekuseni bewu finqekile
okwesibhakela saMandla
manje sewuvuleke uthe nge
okwenhliziyo yentomb' ithand' isoka
iveze ezijulile izimfihlakalo belu
ithembele emuseni wesandla esifunayo
kodwa sibe singaz' ukuthi sifunelani
ungubuhle
ungumlingo
lapho sengithi nje kawuphili
unyakazile
wanginyakazisa ngokumangala komntwana
ebona kabusha
amacenjan' aphuzi aqhekezile
agcwalisa indawana yami
ngokuqhakaza kanye namakha

COMMENTS OF THE POEM
Khanyisile Cele 28 February 2008

ngiyayithanda nale futhi imnandi.

23 7 Reply
Mshini Mbelu 20 September 2007

imnandi le nkondlo plz keep it up i like it

11 4 Reply
Lindi 20 January 2018

Cha ishaya khona lenkondlo

7 3 Reply
melusi ncube 23 November 2017

i like poems

6 0 Reply
Lungelo S Mbuyazi 26 November 2017

Oh! Iyashaya le nkondlo. You may like to rate my poem: Akavumi

4 1 Reply
Asanda 31 August 2022

Ngicela ningiphe ingqikithi yeMbali Kanye nengaphandle layo nengaphakathi

1 0 Reply
Thokozile Radebe 30 March 2022

ngiyayithanda kakhulu

0 1 Reply
Siwanele 24 August 2021

imnandi futh ngicela ukuyisebenzisa emsebenzin wam weskolo

6 4 Reply
luyanda 20 April 2019

Add a comment.Umona phansi well done

4 1 Reply
Sfundo Kubheka 06 February 2018

Wow it sounds good

6 4 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success