*incwadi Yothando Yesizulu (A Zulu Love Letter) Poem by LLM Mbatha

*incwadi Yothando Yesizulu (A Zulu Love Letter)

Rating: 3.0


Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Incwadi yothando yesiZulu
Esho ngemibalabala na ngamabalabala
Axoxa indaba ejulile yemizwa nemicabango
Idayimane, ngelo thando lweqiniso
Omhlophe, ngowenhliziyo engenasici
Indilinga, ngoba olwethu kalunasiphetho
Oluhlaza-sasibhakabhaka, ngoba wena ucabanga ngami
Unxantathu, ngoba amazulu aphezulu
Kanjalo nomhlaba nolwandle ngaphansi bayazi
Onsundu, ngoba kuyitshe kunothile futhi okwemvelo
Njengomhlabathi ongaphansi kwezinyawo zami
Noma ungawu shiya umbala ophuzi
Kungani kumele ungithande ngenhliziyo enesikhwele! ?

Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Engiyoyigaxa emqaleni
Ukuze zonke izimbali zase maqeleni
Ziyohawuka lapho zingibheka
Ngenxa yayo yonke lemibala egqamile
Incwadi yothando yesiZulu
Ngobuhlalu bothingo-lwenkosazana
Ubuhlalu base mazweni aqhelileyo
Minake sengiyoba nentokozo emangalisayo
Lapho ngiphendu-phendula ulimi lwakho
Kancane-kancane, futhi ngesikhulu isineke
Ukuze ugcine usukwazi kahle hle
Ukubingelela abazali bami
Ngendlela eyiyona-yona, ngolimi lwesiZulu

COMMENTS OF THE POEM
Zandi Sthandwa 08 January 2013

yase yangijabulisa inkodlo.. ngakhubula uthado lwa ngempela uthando lokhokho bethu.. ay cha ngiyavuma iyajabulisa lenkondlo

26 6 Reply
Siyabonga A Nxumalo 03 November 2011

what a poem man, your name sound familiar, wukaze ube yi member yosiba?

18 5 Reply
Zandi Dlamini 17 January 2010

Cha nami ngiyakuhalalisela impela mfowethu bambalwa abanesiphiwo esifana nesakho kulesikhathi samanje sibonga uMdali ngabantu abafana nawe...unwele ulude mfethu...........

13 7 Reply
AMEERA XOLO 21 June 2019

HY YOU GOT A GOOD BRAIN TO WRITE A GOOD POEM CARRY ON WRITING BEAUTIFUL POEM AND I WILL CARRY ON READING THEM WELL DONE

1 0
Nqabakazi Lufume 04 September 2011

Abekwe kamnandi lamazwi ngendlela esiyiqqhelileyo kodwa ngamazwi antsokothileyo esiZulu, nto leyo yenza nam mna mntu ungengomZulu ndiwufumane kakuhle umxholo walombongo. Enkosi nto ka Mbatha, siyabulela! ! !

11 3 Reply
Aphelele Ngubane 05 October 2019

I like this poem

4 0 Reply
Aphelele Ngubane 05 October 2019

Ooow I like this poem

3 2 Reply
noluthando 18 September 2019

this poem is very emotional and nice

1 2 Reply
Surprise 14 September 2019

Ngiyazi thanda izinkodlo ezothando

5 1 Reply
minenhle 08 September 2019

I like it

0 1 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success