**mhla Lengubo Igugile Poem by LLM Mbatha

**mhla Lengubo Igugile

Rating: 2.7


mhla lengubo igugile
ngiyo ndizela phezulu
ngize ngi zilahlele
ezingalweni zika Jehova
yena uyokhohlwa yisono
salenyama engizifihle kuyo
kodwa uyobukhumbula ubuhle
bomphefumulo angeboleke wona
mhla lengubo igugile
sengi ndizela phezulu

COMMENTS OF THE POEM
Lindo Mvelase 29 July 2013

ngiyakujabulela ukuthola amapoem amnndi awuqobo lwesizulu ngalendlela, umsebenzi omuhle lona i enjoy these.

1 0 Reply
Zandy Busisiwe 20 January 2010

yiqiniso lelo lezingubo isizimbathile kuyoshaya isikhathi ziguge okubalulekile okungaphathi (imiphefumulo yethu) ...nzengoba sazi ukuthi angeke siphile ingunaphakade lemhlabeni yikuphi esikwenzeyo okuhle okukhombisa ukuthi asakhile kulomhlaba singabahambi nje kuphela? masiphile lempilo ngendlela eshoyo ukuthi ngelinye ilanga siyophendula imibuzo kowasidalayo ngemisebenzi ebesiyenza lana kwamhlaba...yebo lengubo iyoguga mfowethu....muhle umsebenzi wakhe! ! !

3 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success