[zulu, Inkondlo] Ngikufisela Intokozo Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Ngikufisela Intokozo

Ngingasho kanjani ukuthi
Sekuphelile
Mina kanye lo owathi okwa phakade
Ngingacacisa kanjani
Ukuthi kungaba ncono kakhulu
Uma ngiyephula njengamanje
Inhliziyo yakho
Ngoba uma ngilinda
Ngabe ngichitha isikhi
Ngingazisho kanjani zonke lezi zinto
Ngawo kanye lomlomo
Owa kwanga wakwe thembisa
Lo mlomo owa hlebeza
Phakathi kobusuku wathi
Ngi ya ku thanda
Ngingasho kanjani ukuthi
Ngi ya xolisa
Kodwa izinto sezi jikile
Ilanga alisa phumi empumalanga
Ngoba uthando selu phumule okwa futhi-futhi
Ngiqinesekile awazanga
Ukuthi uwe kuphela oke
Wangi thanda
Wange themba
Wangi kholelwa
Pho ngingasho kanjani ukuthi
Sekuphelile
Ngasizathu sini?
Akuhlangani!
Ngiphuphe ngilele, sengizo vuka
Ngiphuphe ngawe kepha anga kubona
Bewungasekho endaweni yakho
Lo engim’tholile
Bekungewena Duduzile...

Awu! Ngiyawukhumbula lowanyaka
Ngisha amashushu ngawe
Ngiku gijimisa
Nginesiqiniseko sokuthi
Uyikho konke kimi, uyikho kodwa
Ukulahlekelwa yile mizwa
Kushiye umgodi ongeqiwa
Enhliziyweni yami
Imifula iyageleza
Ebusweni bami
Isuka emehlweni iye ezindlebeni
Ishone phansi emqamelweni
Sekuphelile
Angiyihambi imingcwabo
Angizwani noku valelisa
Siyo phinda sibonane yini
Si thandane yini
Namuhla ngehlo lengqondo
Ngiya bheka maqede ngibalise
Nginga ku fisela kanjani uthando olusha
Uma uthando lungabaza lufa lushiya
Ezweni lamaphupho ngibone isihambi
Sangibuza sathi
Ikuphi namuhla intombi yakho
Angazanga ukuthi ngithini
Ngikufisela intokozo
Intokozo yona enga ngabazi
Engafi
Engashiyi
Ngikufisela intokozo, ngikufisela intokozo

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success