Ngikhuzeni Ngisothandweni Poem by Nozipho Mdletshe

Ngikhuzeni Ngisothandweni

Rating: 3.5

Ngikhumbule engimaziyo
Kodw' akekho eduze kwami
Engimthandayo, onothando
Kodw' akusilona olwami

Amehlo enhliziyo ayambona
Awenyama adlal' izifiso
Kude phambili
Kude emuva ngidlal' inkumbulo

Ngicabanga lezo zandla
Ezingithinta maqede igazi lixoxe izindaba
Lawo mehlo angibuka maqede ngishalaze
ngizicingise ubala
Awu! angingeyiphathe eyomlomo
ongimanqaza maqede ngibaqake
ngeke walibona inoni ngisuke sengicela kwaba Kwa Mnyovu

Ngidlal' inkumbilo yalo engimthanda ngokungangabazi
Kungenasizathu
kodwa ngenxa yothando engimthandangalo

COMMENTS OF THE POEM
Kholiwe mdletshe 08 September 2018

Eyakith pakith qhubeka njlo mangomane

0 0 Reply
Khanyisile zwabe 08 May 2018

Wow love ur poems nozi

0 0 Reply
Lungelo S Mbuyazi 03 May 2018

Oh yeka uthando oluthinta emanonini lapho umcabango! Kwangathi angakubona dadewethu, angengebe nje okubuka qede ushalaze! Yenhle, futhi iyalandeleleka

0 0 Reply
laddey tee 02 December 2017

Add a comment.yho i really like ur poems sistah nozipho especially those in Zulu

0 0 Reply
Israh Sadan 26 August 2009

Hi There Won't you post the translation some time? I'd love to read it. Is it in Zulu?

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Nozipho Mdletshe

Nozipho Mdletshe

Kwa Nongoma, KZN
Close
Error Success