Ngazalelwa Kwazulu Poem by Nozipho Mdletshe

Ngazalelwa Kwazulu

Rating: 2.0


Ngazalelwa KwaZulu
Ngizalwa yinzalo KaZulu
Ngancela ulimi lwesi Zulu
Ngabafica bekhuluma isiZulu
Ngabathola beqhuba isiko laKwaZulu
Ngingekulibale ukunotha komhlaba waKwaZulu
Okuvuselela isithunzi somuntu onsundu
Inkaba yami ngayishiya KwaNongoma
Imfundo ephakeme ngayiqhwanda eNyuvesi yaKwaZulu
eDlangezwa,
Ngasina ngaqeqebula ezihlabathini zolwandle eThekwini
ngigqoke isidwaba sakithi KwaZulu

Bheka manje sengikhulile sengiyintombi
Khona la KwaZulu
Ngihlangane nensizwa ikhuluma IsiZulu,
Ithi ingumZulu, isibongo nguZulu
Ngish' umntwana uNdabezitha, isithuli sikaNdaba, uMageba
Ngingekulibale ukunotha komhlaba waKwaZulu
okuvuselela isithunzi somuntu onsundu ngingumZulu.

COMMENTS OF THE POEM
Lungelo S Mbuyazi 03 May 2018

Luhle ubhalo lwakho ntombi yaseMdletsheni, lushaya ngesigqi sakwaZulu, kuyasho ukuthi ungimzulu.....

0 0 Reply
Siyabonga A Nxumalo 07 June 2013

ubuhle besintu sakithi noma sesishazwa nje yilaba asebezenza amazemtiti, soze sagqwala.ukubeka kucace bha kulolulozolo lwenkondlo yakho ukuzigqaja kwakho ngobuZulu bakho, engathi emhlabathini wakwaZulu kungaqhuma abanye abanjengawe, bafuze wena. Siya

2 0 Reply
Phiwe Mbatha 09 March 2013

Wangikhumbuza ekhaya eNquthu, imnandi inkondlo yakho. Ngiyithokozele kakhulu.

1 0 Reply
Pheko Motaung 28 February 2012

uKhulima iqiniso masi hlonipheni amasiko wethu futhi! Ngiyabonga

1 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Nozipho Mdletshe

Nozipho Mdletshe

Kwa Nongoma, KZN
Close
Error Success