Ngibabonile Kancane Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

Ngibabonile Kancane

Ngibabonile esikhalene esincane
behamba nje kancane
bebambene kwama ncane.
ngomunwe omncane kancane ucikicane…

lothando, olaba thandanayo
nengane iyamthanda nayo
noma zikhona izinsizwa ezingo Ntando
uzovele nje amfak' intando
phela, uyisithandwa sakhe, naye wayengazelele
wasebebuthongweni egaz' elele
bebaningi belindile, Uthando nje ulujulile,
Nom' engamshiy' uzolukhu nje emlindile
Baqinisele noma selokhu begxekiwe
Olwabo bazolokhu be gxilile

Ngibabonile esikhalene esincane
behamba nje kancane
bebambene kwama ncane.
ngomunwe omncane kancane ucikicane…


Noma ngingazi kodwa nempilo sebeyihlelile
Noma zikhon' izintomb' ezinjengo Hlelile
Niziphathe kahle lomhlaba awuhlelekile
Lendaba, ijulile u-Romeo no Juliet bayifelile
Nokuningi nje u-Adam no Eva basifundile
Nokwenzeka e-Eden kodwa sebezwile
Ngyaxolis' ukuncoma, umuntu wakhe angiqondile
Uyimbali ebukeka ihlale iqhakazile
Zikhona, ezinesikhathi zibunile
Ngyakholwa naw' usuzibonelile
Noma ngamehl' enqondo, usuzicabangile.
Ungadla, amathamb' enqondo kepha, ungizwile.

Ngibabonile esikhalene esincane
behamba nje kancane
bebambene kwama ncane.
ngomunwe omncane kancane ucikicane…


Thula ke lena ngeyami i-show i-ticket limahala
Noma ungangena nokudla ngaphakathi kumahala
Kukamazikhethele vele ngyakubona usuyahala
Uma ungena ngasemnyango kunenhlobonhlobo yamakhekhe ne tiye,
Nejuice ke ikhona.
ubhekise amehlo ngasenhla kunematafula ngyathemb' uyalibona.
lapho kukhona ukudla okunhlobonhlobo,
I beef, I chicken, ngingawashiyangalaphi ama vegetarian
Nokunye nje okuningi.
Uzobe usudlulela ngasenhla kancane I desert nokokwehlisa
Nakhona ngokunjalo uyazikhethela, noludakayo uphuzo lukhona
Kepha ungeqisi ngoba abaningi bayalahla
Lamabhodlela agcwele langaphandle yibo bayawalahla.

Ngibabonile esikhalene esincane
behamba nje kancane
bebambene kwama ncane.
ngomunwe omncane kancane ucikicane…


Attention please: attention please:
Ngyabonga, nokuthi nifike ngobuningi kulomshado
Kamfowethu nani niyamazi usedonsile nomakoti
Bekunzima kepha sebedlulile nezitha bezibajongile
Bebelokhu bethandazile
Nakhokhe namhlanje sibashadisile
Ngsazobuya lomshado awuphelile
Nase mndenini wabo bazolokhu beqhubekile
Awukho umlingo ukuthembana, ukulekelelana nje nokubekezelelana.
Kafushane nje ingakho sebelana.
Othadweni siba ngama sela ingakho sebelana.
Othandweni Sibanga amacell, ubani lo okufonelile?
Bengifisa syazi nemfihlo ka adam no eva
Bengaka sidli isithelo esenza babone bahambaze
Ze sifunde ukuthi yin uthando,
Kepha ke kuhle singazami ukwazi into eyaziwa ngumdali kuphela
Lo owasidala nje sonke sekuphela.

Tuesday, October 7, 2014
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success