Ngangathini? Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

Ngangathini?

Rating: 5.0


NGANGATHINI
Ngangathini ithinitho umbengo kungathintiwe
Kusalenga emsam kunga thuliwe
Uthando ngingakalazi, nomhlaba naw' ungakangshayi
Nay' engakakhuli nam' ngingatheniwe
Ngimbuka ngingazi nginga thini, ngisaba ngish'ukuthini.
Inhliziyo yam ilokh' ibekile, inqondo yam' ilokh'inyakazile, namaphupho elokh'engfikelile.
Ngangathini nay' engdlalis'enganakile, kanti ikhona lenhliziy'emnakile.
Silokhu sidlalisana engajulile, phela vele wayengajahile ngoba nothando lalngaziwa.
Nensizwa zilokhu zimlandelile zazingbenuzisa sengathi ngase ngizbikile
Ngangathini.ithinitho umbengo kungathintiwe
Kuleng'emsam'kungathuliwe
Uthando ngingakalaz'inomhlaba naw' ungangshayile
Nay' engakhulile, nam' ngingatheniwe
ngimbuka ngingazi ngithini ngisaba ngish'ukuthin
Umthwalo kaZahara naw'olokh'ungsindile
Nesimo somhlaba naso silokhu sishintshile
Nokumesaba kulokhu kungicindezelile
Kodwangangimkhethile bebaningi begebhile, ngangimthandile.
Kodw'engazi ngoba waye ngatsheliwe, engazisiwe.
Sihlala Sihamba ndawonye
Ngangathini.ithinitho umbengo kungathintiwe
Kuleng'emsam'kungathuliwe
Nabantu behlala be buka lengane ezwanayo, kodw'ezincishanayo
Uthando ngingakalaz'inomhlab'ungakangshayi
Nay'engakhulile, nam'ngingatheniwe
ngimbuka ngingazi ngithin ngisaba ngish'ukuthin

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success