Namhlanje Ngizolala Ngimtshelile Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

Namhlanje Ngizolala Ngimtshelile

Rating: 5.0


Ngambona kanye kodwa kane, nganela…Nganga bheki ngane la
Noma ngingayitholanga I razor ngazichaza
Ngangingaphuthanga esikoleni kodwa ngazibika…I dictionary yayisekhanda
Ingakho nje ngamchazela
Ngangayiding'imoto ukuze ngimbeke endaweni……
Naye ngokunjalo akadinganga u loud speaker kuze angizwe
Akaphuchwanga I washi lakhe ingakho kungamthathanga isikhathi ukuze
Ukuze awasho lamagama nami engangwashilo
Sizintendela phela sasesingama juba
Sizithola…phela sasesitholene…
Bhek' imina lowo ngimsondeza sengithi manqa
Ilapho ngaphaphama ngavuka khona ilanga selihlaba amehlo emnyango
Ngangimbone kanye nje vo ngeke lephupho…
Namhlanje ngizolala ngimtshelile

POET'S NOTES ABOUT THE POEM
zulu punch lines
COMMENTS OF THE POEM
Africa My Roots 31 October 2012

wow kuhle mfana qhubeka njalo

0 1 Reply

Kuhle mfanakuthi ukubona ubuhle buhluzekile, ndisuke ndabethelwa ngumvandedwa ndakukubona ityendyana elingangawe lizingca ngolwimi layo, libonisa ubukhalipha, uthando kwakunye nembeko kwilwimi lwenkobe, kube mndandi ukufunda lo mbongo nto yakuthi, qhuba phambili ungabi sayekelela, The_African_Son

3 0 Reply
Siyabonga A Nxumalo 17 May 2012

I enjoyed it my friend but I'd like ukuyibhala lenkondlo ngikusendele yona, ave imnandi...Siya_! !

2 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success