Umuhle ngampela yazi
bengithi ngithatha amashansi
kodwa manje ngiyabona ngikuphiwe ngabaphansi
omagagula bafuna umfazi
ngikushele sengvele ngazi
ngiyibhale izolo kwavela kwehle izinyembezi
njengomfula wasewembezi,
phela sengafa ngibulawa usizi
ukujula kwenhliziyo yami akusasizi
umuhle ngampela yazi
umuhle ngampela yazi,
ungenza ngikhale ngingashayiwe
ungenza ngitshele abantu ukuthi ngithanda nawe ngingabuziwe
phelisa uyangkhalisa,
umuhle ngampela yazi
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Oh! Love in the air.., nice write Thokozani...