Thumela Mbhali Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Thumela Mbhali



Bengakaze ngkutshele
Bengakaze ngkuxoxele
Ukuthi empilweni kuningi okushintshile
Sela lemicabango inqondo uyithathile
Ngthuke sekuvuka usinga phezu kobuhle
Ngafela phakathi zagida izingelosi emlindelweni
wevaka kwakuhle amajuba othando edelile
Ngthe ake ngikuncome onyakeni omusha
ngthunyiwe igama ulgodlile
Uthe angdlulise uthando lwakhe olujulile
Uthe ngibambe ngesandla sambe
Ungigone esfubeni sakho esifudumele
Kungenzeka iningi elijabhile
Cha mina ngijahile
Ukubazisa sengkuthathile ngu Jahile
Sinqandamathe buhle bemvelo
Ncumo laNandi
Mbali yesizwe
Nyaka wami engvule ngawo omuhle pentshisi lami
Sthabatha sesi.............nqa
Lambu lami ngiyisthunywa esasithunywe kuwe
Angbanga muhle kakhulu ekukhuluma ocingweni
Ingakho lencwadi ngiythumele umbhali omuhle
Umbhali ke unejuba lakhe alithumayo meqeda
kbhala
Elikukhipha ekhosombeni ucashile
Ngisho ngingangasakutshela
Amagumbi amane uzoythola ikulindile sthandwa
sami dalo
Bonga uthando lwami
Emthonjeni
Ngfice amanzi ehleba ngawe ethi wena ugeze kuwo
ngokungemvume
Zafakaza izihlahla zikupha isigwebo saphinda khona
khona sokubuka kahle
Amadwala asho okfanayo athi ngathi ngalibele
lihlabile ilanga khona ingeke isuke insila yakho
Kanti nezinsizwa ngzozihlula zikujikijela
Wena ungowami
Benglinde inyanga yothando
Ngakhumbula uwe isangoma
Mina ngithwasa nje kuwe thando ngyakthanda

Sunday, May 20, 2018
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success