Ngiphedule Poem by Ntombifuthi Thwala

Ngiphedule

Angilwi lokhu impi yabulala, amaqhawe akithi.
Iqiniso angilazi, kepha kudala ngiloba.
Ngosiba, lokhu nginethemba lokuthi lapho ikhon.
Lecwadi yami ehlala iza kuwe, iyokuthola.
Qede, kumamatheke inhliziyo yakho.
Ngiphathisa njalo, nxa behla beza emakhaya
Yebo angehli njalo kepha, kanye ngonyaka.
Selokhu ngaqala ukukubhaleoa lutho impendulo.


Ngiphendule, phela angisazi nqindi nasibhakela.
Hleze imifula, seyagcwala I, ihlabathi.
Okanye sekwaba semanxiweni.
Angiyena umuntu onovalo, kepha ithemba leze liyabulala.
Libulala inhliziyo yothando, Qede kukhule inzondo.
Njengembali ehlala emanzini, okwenhlanzi.
Engimphathisayo nxa ngibuza ngawe uvele athi.
'Incwadi uyitholile kepha akashongo lutho'.
Maze uyazifunda yini lezo ncwadi zami? .
Ithemba alisekho iqiniso lihle.
Awachithwe lamanzi lamanzi inkukhu ibalekile.
Ngiyavuma ithathwa esokeni.
Hleze vele sewabuyel, kulo isoka lakho lakudala.
Akusenani ngihosha imfe ngiyabonga

Thursday, January 19, 2017
Topic(s) of this poem: blank verse
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success