Ngilinde Yena Poem by Sdumisile Mbambo

Ngilinde Yena

Ngithatha isinqumo, Ngyafunga ngya gomela,
Angsafuni uk’lokhe ngpaquza, ngehla ngenyuka,
Ziningi iynsizwa emhlabeni, kodwa senghambe ngabona,
Ukhuthi khona eyami u Jehova angbekele yona,
Ngakho, ngizohlala evangelini, angyakazi nglinde yena.

Iyathusa indlela okwenzeka ngayo enkonzweni,
I worship team ayisa culeli uku dumisa umdali,
Kepha s’culela ukuthi uyezwa yini u Brother Sban-bani,
Neyngubo seziya khushulwa zithi uk’dlula ema dolweni,
Nenkonzo abasayizwa, bagaya izi bozi enhliziwyeni,
Uma bewazi ukuthi khona u Jehova ak’bekele yena
Ubuzo hlala unga nyakazi, uthi nglinde yena.

Sekuze kwa guquka indlela o khuleka ngayo,
Abantu ba Claim-a izindlu ney’moto,
Wen’ usuzace wawu qhotho,
I Fasting ayisapheli, uthandazela u bhuthi o worshiphayo,
Kanti yena ubheke kwenye indawo,
Okushuthi sonke leskhathi, ubudlala ngeskhathi,
Yena avele anga chithi skhathi, athembise nalosisi obum’ phkamela sonke les’ khathi, bese wena u quleka ngaso lesos’ khathi.
Kanti, Uma bewazi ukuthi khona u Jehova ak’bekele yena
Ubuzo hlala unga nyakazi, uthi nglinde yena.

Mhlambe ubekelwe isgwili esino muzi emhlanga,
Mhlambe ubekelwe ischaka esnom jondolo ka thayela,
Mhlawumbe uyis’ fundiswa, mhlawumbe futhi uyi bhinca,
Mhlawumbe useya shumayela, Mhlambe ikhande esazo phenduka,
Ak’sikho okwakho lokho, uzoze uhambe uz’funela,
Mina Engzok’siza ngakho, ngzokunika iympawu zokumnombola
Lalela:
Lo u Jesu ak’bekele yena
Uyobe enoku hlakanipha njengo Solomon,
Ethembeke njengo Daniel,
Enesbindi njengo David,
Enomusa njengo Boaz,
Enokukholwa kuka Abraham,
Ewumholi njengo Moses.

Kepha elok’gcina lithi, naye lo u Jesu ak’bekele yena,
Akangak’ fici uwumlilo wamaphepha, ufakaza ugxuma u gelekeqeka,
Kanti uvutha nje awu vuthiwe, Ayiboh – Lalela,
Akfice uthembeke njengo Ruth,
Unoku kholwa kuka Esteri,
Unesbindi njengo Rahab,
Unosizo njengo Thabitha,
Ukuze athi mesefikile, angabe esabuyela emuva,
Ngoba imuva lingak’ buyisela emuva,
Kade usu qhosha uthi ubashiyile abase muva,
Kanti bazo muva, bak’shiye usale ngemuva,
Njoba nani na muva, sesi sele nathi e muva.

Ngithatha isinqumo, Ngyafunga ngya gomela,
Angsafuni uk’lokhe ngpaquza, ngehla ngenyuka,
Ziningi iynsizwa emhlabeni, kodwa senghambe ngabona,
Ukhuthi khona eyami u Jehova angbekele yona,
Ngakho, ngizohlala evangelini, angyakazi nglinde yena.

Thursday, April 17, 2014
Topic(s) of this poem: religion
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Sdumisile Mbambo

Sdumisile Mbambo

Durban, South Africa
Close
Error Success