Masimbonge Ujehova Ngemiphefumulo Yethu Masimbonge Poem by Paiva Nkosinathi

Masimbonge Ujehova Ngemiphefumulo Yethu Masimbonge



Masimbonge UJehova Ngemiphefumulo Yethu Masimbonge

Masimbonge uJehova silibize igama lakhe,
Sizazise izenzo zakhe phakathi kwabantu,
Yena owembatha udumo nobukhosi,
Yena ogqcoka ukukhanya njengengubo,
Yena oweneka izulu njengendwangu,
Yena ohamba ngamaphiko omoya,
Yena owenza amafu abe yincola yakhe,
Yena owenza izikhonzi zakhe zibe yilangabu lomlilo.

Masimbonge uJehova ngokuba muhle,
Futhi umusa wakhe umiphakade.
Yena osindisa kwabakhonkothayo,
Yena osindisa ezitheni,
Yena osindisa esandleni sabazondayo,
Yena osindisa kwabanamazinyo alukhali,
Yena okhulula ezinsizini,
Yena ophephisa ekufeni,
Yena ogqcwalisa umphefumulo olambayo ngokuhle,
Yena olonda izinyembezi esandleni sakhe,
Yena ophana isibindi kanye nethemba,
Masimbonge uJehova ngemiphefumulo yethu masimbonge.

UJehova uphendula ukukhala kwethu akwenze injabulo engunaphakade,
Unomusa kithi nsuku zonke,
Uyezwa lapho sikhala bese ephendula,
Ubeka ukukhanya kobuso bakhe phezu kwethu,
Akasibaleli izono zethu, kepha uyasikhulula, Ubeka ukwenama ezinhliziyweni zethu malanga onke,
UJehova usipha ukuphila, asiphe ukwenama,
Usipha ukuthokoza, asiphe impumelelo,
Usipha izibusiso, asiphe nothando,
Masimbonge uJehova ngemiphefumulo yethu masimbonge.

Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo,
Nokulunga kwakhe kumi phakade,
UJehova unomusa nobubele,
Usindasa ngegama lakhe,
Ukhulula ekuhluphekeni konke,
Futhi uyisiphephelo sezimpilo zethu.
Malibongwe igama lakhe kuze kube phakade.

by Paiva Nkosinathi Vilaneulo

Tuesday, April 5, 2016
Topic(s) of this poem: master
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success