Waye ngasabhekeki
kungenxa yami
nawe
washaywa, elinywa
kungenxa yami
nawe
wabethelwa
esiphambhanweni
kungenxa yami
nawe
wathukwa, echotshoza
ngobubi bethu
wayelenga emqamulezweni
kungenxa yami
nawe
wanikela
ngokuphila kwakhe
ekhandwa ngamatshe
ekhafulwa ngamathe
kungenxa yami
nawe
ememeza esiphambhanweni
ethwaliswa umuqele
wameva
kungenxa yami
nawe
wathwala izifo
zethu
watshatha ubuhlungu
bethu
walinyazwa ngenxa
yeziphambeko
zethu
ngemivimbo yakhe
saphiliswa
KUNJENJENJE
kungenxa yami
nawe
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
yebo kungenxa yezono zethu. beautiful piece