Ngangizonqaba Poem by Bathokozile Hadebe

Ngangizonqaba

Ngiyalukhalela
olwami
uthando
ukube ngangazi
ngangizo nqaba
nolwami uthando
nesikhathi
sami
ngiyasikhalela
wayilimaza eyami
imizwa
uma ngicabanga
ngawe
angimamatheki
neze
kodwa ngiyathunukala
kuvuka amanxeba
wahluleka
ukungikhombisa
uthando
wayiphula eyami
inhliziyo
manje usufuna elinye
ithuba
CHA angivumi
angikudingi empilweni yami
angizidingi
ezinye izinyembezi
ezizoqathaka
ngenxa yakho
ngakunika lonke
olwami
uthando
ngakunakekela
kodwa wangishiya
ngahlala ngilindile
ngiqomolozile
lutho ukubuya
kuyaba ngiyezwa
usunencosi
usunomndeni
ungubaba kasibanibani
manje inhlanzi ishelwe ngamanzi
usufuna ukubuya
cha
wahluleka ukuba
yindoda
kodwa ngiyazi
ngiyoyithola indoda
eqotho,
ezothoba amanxebe
ivale nesikhala

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success