Kufa Poem by Samkelo Dlamini

Kufa

Rating: 5.0


Sibe nengxoxo nokufa,
Ingxoxo emayelana nokufa
Benginemibuzo embalwa,
Izexwayiso ezimbalwa,
Nezinselelo ezimbalwa.

Kufa wenziwa yini ukuthi ube yigwala?
Impela uyigwal' eledlula wonke ngiyala
Lobu bugwala bakho buyaqhubeka kunakuqala
Sesikhathel' ilomkhuba wakho omubi
Unjalo nje uqond' abayizimvu
Lento kad' uyiqalile
Inkinga yakho uzitshel' ukuthi sewuqedile,
Kodwa akuyogcina wena ngiqinisile.

Ngithe mangikuphonsela inselelo waveva,
Kufa ndini!
Uhlasela sakuzuma lapho singakulindele
Angithi umthetho wamagwal' ayazuma!
Ngenhloso yokusishiya sikhala sibubula
Angith' abanye ubahlasela ngoba begula.

Sibe nengxoxo nokufa,
Ingxoxo emayelana nokufa
Benginemibuzo embalwa,
Izexwayiso ezimbalwa,
Nezinselelo ezimbalwa.

Ngibe nengxoxo nokufa
Lalela kufa: Noma bengathi udla fumuka udle silaza
Abathe kuwe ulibhoklolo bakukhohlisile,
Mhlawumbe bebedidekile
Izinhliziyo zixovekile, bexakekile
Imimoya yephukile bengathokozile
Thina asive ngoba sinengekile nguwe kufa
Sisuke nje singazelele

Bheka bahlala benexhala ngisho nalabo abasadl' amabele
Kwazise nasemindenin' asisaphelele
Futhi ngoba awusoze wedele
Kodwa ungazikhohlisi uzitshel' ukuthi lolusiz' alusoze luphele
Lapho siyonqoba khona uyoke umangale.

Ngikuphathel' ezimbi nawe kufa ndini,
Ngiyafisa sengathi kade ngakusho lokhu
Angikwazi ukulinda lolo suku
Lolo suku mhla selufikile
Mhla kufa ufa,
Phela nawe kufa uyofa!

Monday, November 6, 2017
Topic(s) of this poem: death
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
A conversation with death, Written in South African Language (IsiZulu) , featured by the AVBOB Poetry project 2017.
COMMENTS OF THE POEM
Lungelo S Mbuyazi 03 December 2017

Inkondlo elotshwe kahle ithinta inhliziyo, lena iyona nkondlo enjalo.....nicely crafted

1 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Samkelo Dlamini

Samkelo Dlamini

IXOPO, KZN, SOUTH AFRICA
Close
Error Success