Muziwabahle Sabelo Sithole

Muziwabahle Sabelo Sithole Poems

Sesisid' iskhathi ngigudl' amawa
Nginqamul' izinkalo namathafa
Ngikhwela ngidilika izintaba
Nezintabakaz zingineth' izimvula
...

Ngike ngahlala phansi ngazibuza
Ngaziphendula, ngizigxekile ngibuye
Ngazisola ngoba ngiyazi solwa nonembeza
Uma ngiqhuba kanjena.
...

The Best Poem Of Muziwabahle Sabelo Sithole

Valentine

Sesisid' iskhathi ngigudl' amawa
Nginqamul' izinkalo namathafa
Ngikhwela ngidilika izintaba
Nezintabakaz zingineth' izimvula
Neziphepho zizenzela kimina
Ilanga lingishisa ngicis' ukuba
Yinsizi ngenxa yosizi.
Umoy' uhlubukile ukhala ukukhahlamezeka
Ngeqa izigodogodi ezisabekayo
Ngifun' ubambo lwami ngiyazi wayengeke
Angidale ngidadammuke ngedwana.
Lona ke ngimphiw' emazulwini Ngiqinisile!

Sengileqile ke nanti igebe elizingovolokazi
Izinhlungu, iminjunju nemivimb' enkankethayo
Seyishabalele. Izimnvula neziphepho
Ezinamandla noma sezingeza ngamandla
Ukhona engizophephela ngikhosele Kuyena
Ngoba sengithole wena themba lami
Senginakho konke ngivikeleke ngokwanele
Uzulelane womzwangedwa ngiwubona
Uzulela le kude, kusekude lapho sisaya khona
Sibambene ngezandla nawe mamah.
Lona ke ngimphiwe emazulwini ngiqinisile!

Angeke ngilinge ngiqamb' amanga ngithi
Angeke ngaphila ngaphandle kwakho ukuthi nje
Kungaba nzima ukuphila ungekho eduze kwami
S'thandwa sami woza siwelele emadlelweni aludlaza
Sibambane ngezandla sangane sibukane emahlweni
Shleke kanye kanye, uhleke kanye nami ngihleke
Kanye ngoba angisasheli sesiya shera.
Lona ke ngimphiwe emazulwini ngiqinisile!

Themba lami ngithe woza, woza sihlanganise
Izifuba ngizwe ukugubhaza kwenhliziyo yakho
Ngizwe loluthando elufukamele, sondela
Sihlanganis' izindebe ngizwe uju lwenjabulo
nobumnene bezindebe zomlomo wakho. Phela
Mina indlela engiyiyona indlel' engikuthanda ngayo
Noma sengifile themba lam' inyama kuphel' eyogqitshwa
Idliwe zintuthane kodwa umoya nothando lwakhho
Kuyohlezi kubumbene, kuphila, kuheleza lapho
Uyob' uhamba khona sthandwa sami.
Lona ke ngimphiwe emazulwini ngiqinisile!

Muziwabahle Sabelo Sithole Comments

This boy is very talented, his poems takes you straight to his emotions and thoughts and they convince you to realize goodness and hope if you're broke

0 0 Reply

Muziwabahle Sabelo Sithole Popularity

Muziwabahle Sabelo Sithole Popularity

Close
Error Success