Ngikhulile Poem by thobani ntombiziyamfisa thusini

Ngikhulile

Ngikhulile namahlanje Ngiyindoda nakanjani kumele Ngizimele kumele ngikhombise Ubuhlakani Nobuchule Bokubhekana nempilo

Ngikhulile namhlanje Ngiyindoda
Kudala Ngihuzuka Ngimncane Ngiphambuka Bengibuyisa Ngimosha Belungisa Nginhlanhlatha bengibuyisa

Ngikhulile namhlanje Ngiyindoda
Kudala ngithwala kanzima kodwa Ngingakhali Ngizwa ubuhlungu enyameni phakathi enhliziweni Kodwa konke Ngikugcine Ngaphakathi Phela indoda ayikhali

Ngikhulile namhlanje Ngiyindoda
Namhlanje Kumele Ngiqale ngikhombise Umhlaba ukuthi Ngikhulile Ngiyindoda ngyakwazi ukuzimela Indoda eqotho ehlonipha wonke umuntu Ngisho nomncane Imbala Indoda ethanda umndeni wayo Indoda ewusizo emphakathini indoda engumvikeli Indoda ehlale Inezimvo nemibona ephusile yokuthuthukisa Isizwe

Ngikhulile namhlanje Ngiyindoda
Ngikhulile namhlanje Ngyakwazi ukuzimela Yebo Ngiwenzile amaphutha njengawowonke umuntu kodwa awasoze angivimba endleleni yam yokwenza okulungile nokuhle

I will keep on walking like Johny walker

I wiil keep on Moving like Gautrain

I will keep on Pushing like A Strong Bokkie Team of south africa No matter what i want to be the Best and The Good example to the fellow south africans

Ngikhulile namhlanje Ngiyindoda
Indoda enothando nethatha izinqumo eziphusile Nezihlakaniphileyo Ngokucabangela ikusasa ngoba inamhlanje selindlulile akusasele ngisho amahora amabili Sithi Izolo....

Ngikhulile Namhlanje Ngiyindoda eyisibonelo esihle Neyiliqhawe: .
Nawa amaqhawe phambili ayiqhalile imbenge Nami Ngzolandela emvakwawo ngiyithunge ngishiyele abezayo.

Ngikhulile namhlanje ngiyindoda ngyalwazi usizi Nenhlupheko yalomhlaba omagade ahlabayo Ngikhulile namhlanje ngiyindoda.... Ngifuna Ukukhombisa amava ami njenge Ndoda

Ngikhulile namhlanje Ngiyindoda nginikeni Isihlangu sami Ngihlome Ngibhekane nokomhlaba Isihlangu sami isona esinginika amandla isona esinginika umdlandla angithi ne Nkosi ushaka ka Senzangakhona wayewaxosha ngesihlangu amangisi esandlwane mina esami isihlangu Imfundo isola sihlangu esiphinde sibe yisikhiye sokuvula yonke iminyango
Angithi sisikwe yi lockSmith edumile kwezemfundo nginikeni nami ngigiye Ngithole izibongo Ngizuze ubuqhawe engohlonishwa ngabo noma sengandulele kowo babamkhulu...

Ngikhulile ngibonile ngifundile namhlanje ngiyindoda

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success