Ngamuzwa Eklabalasa Poem by Hlukanisani welcome mngomezulu

Ngamuzwa Eklabalasa

NGAMUZWA EKLABALASA
Ngamuzwa ekhala eklabalasa sakushaywa wunyaz'.
Ngamshiya nobaba bencokole, yiz' isiziba saschichima
Siyizindwan' kepha ngazitshela ukuba wayesexolile, ebhodlile
Uyise.
Ngamuzwa eklabalasa sakusaba ukufa.

Ngamuzwa buqamama namalangabi ekhala.
Ngezwa ukub' yizwi likamama lelo.
Zange ngazibuza ukuth'muph' ubaba njengoba umama ekhala
Kangaka, kwazise wayemthanda ngezikhatha.
Zange ngethuka, ngafunyanwa yinkwankwa njengoba
Ngangaz' ukuthi wayesele nobaba.
Wayesikhihla egagula amagama ami sakuvalelisa kwelimagade
Omdolofiya.

Ngathuntubezeka, ngazidela.
Ngahlanza gedela, ngazinikela.
Lapho ngakhangwa ngamahanguhangu omlilo owawukhaphuk'
izinyembez' negaz'likamama.
Inhliziyo yayisashaya mawala.
Ingqondo yam'idunguz'ebumnyamen'
Ingqondo yam'yayikhathele ifelwe.

Ngazibuza ngibabaza ishluku sikababa ngokubulala umama,
Owaphenduka umlotha.
Ngamuzwa umama ekhala ecela uxolo kubaba keph'
kwaba zinhlanga zimuka nomoya.
Ngalibona luza buqamama usizi ebomin bam'.
Kwafiphala ikusasa lam' ngomama wam'
Wokuphela.
Ngamuzwa ekhala eklabalasa buqamama sakushaywa wunyaz'
Ngenxa kababa ngacwila ebuntndanen'







UMLOBI WALENKONDLO: Hlukanisani Mngomezulu (0787682832

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success