Umthandazo Wami Poem by Cebolenkosi P. Mkhize

Umthandazo Wami

UMthandazo wami

mina nkosi sengikhathele ukubonga impilo,
yodwa kweyami impilo emthandazweni.
Nkosi sengizibongile nezingane ongiphezona
kweyami impilo kepha kangithokozi neze
kangithokozi ukuzibona zilambile zihambaze,
zeswele kepha ngikhona ngiwadla anhlamvana
noma ebaba kimi kodwa ngithi baba
ungengenzele umusa kowesifazane
ungifakele ushukela kwawozo zizokwazi ukunambitha
Njengezinye. ngingabi ubaba ubabayo kuzo
Somandla. ngiphamandla njengomfanekiso wakho

Kangisayiphathi eyokukhangezwa okwendoda ayayisishosha
ebhayibhelini leyo iyangikhathaza
eyayihlala emnyango wetempeli ilinde abazongena bayikhangeze.
Mina kangisishosha nje futhi kangimpumputhe
eyokubonga ngiyayibonga Senganele, bawo ngenelela.
Ngokuba kangiwazi amagama ashiwoyo ngami emva kokukhangezwa,
kwelika pondo angeke wangisikela nami kulo
kepha ungasenzeli mina kepha bona
ngoba kimi selidumela ngase bukhweni bezinja,
kepha abancinyana bami owangipha bona
Lesosinkwa semihlangemihla bayasidinga
kanginga phenduki umhambuma Jehova ukhona

Kunezithembiso ozithembisile ngami
Wathi kangikubize wena uzokusabela
Sengikumemezile kepha elakho iphimbo kangilizwa
Sengikumemeze nangezinyembezi kephalutho
uma kuwubuthuntu bezindlebe zami
nokufiphala kwamehlo ami okwenza ukuthi ngingakuboni
Njengo bhathimewu impumputhe nami ngenze ngibone,

Sengiphenduke umatapudaka ngihamba ngishelela
Ngishelela ngiwa endleleni ngiwe izitha zami zijabule
zingibuze elami itafula uyakulideka nini?
njengoba ngicosha imvuthuluka ewa etafuleni lazo
Izinja zazo kazisatholi lutho ngoba ngibanga nazo

Simakade wena omikakade wuwe owathi uyakugada
Izinyawo zethu zingasheleli
Uma kuyiziphambeko zami ezinetha indlela yami
Mnini Mandla onke awushaye amaphiko okokhozi
Kube kanye qede kome umhlabathi ukuze nginyathe
nginyathele ngingabisawa, nakhu eziya encemeni zingishiya.

Ngicela ukungena kuwe somandla ngikudumise
Ngikudumise qede uhambe nami ungabi sema
ungene nami ekujuleni ngoba ngihlulekile ngingedwa
kangibambanga ngisho nowodwa, engizakuwubeka etafuleni,
Ngikudumise qede Ungisuse kwanhlupheko uyongi qatha kwelobisi
Inhloso yami ukuba ubaba omnandi kubantwana bami,
Kunzima ngisho ukuzibheka ngoba mengizibheka
Umthombo wezinyembezi kobami ubuso uyagobhoza

Nalapho ngiziyaphosa izinkathazo zami kuwe
Kuba ngathi ukhona futhi ozintshontshayo kuwe
Azibuyisele kimi mhlampe kungenzeka ngiziphosa,
zingafinyeleli kuwe qede owamandla obumnyama,
aziphindisele kumi ngenhloso yokusitheza ubukhana bakho kimi.
Sengicela ukungaziphosi uvele uzewena uzithathe
ngokuba kimi amandla mafushane.

uma kuyimpakamo yami esithe
konke okwami okuvela kuwe simakade
Njengo Zakewu emthini ngiyehla
dlula kwami namuhla Nkosi.

imbongi yakoKhabazela (khabzyVee)

READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success