[zulu, Inkondlo] Sengisho Okuningi Ngokushesha Yini Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Sengisho Okuningi Ngokushesha Yini



Sengisho okuningi kakhulu yini
Sengithande kalula ngokushesha yini
Seluhambile uthando, lungaka zalwa
Ilanga angeke libuye lazi
Ngokuqhakaza kwase busuku
Thatha inhliziyo yakho ubalekisise
Uze ungawuzwa umsindo we nyoni ihlabelela
Umoya kuphela oshaya ezindlebeni zakho
Uze ungayizwa ingilazi iphahlazeka
Okuyuqobo lwenhliziyo yakho
Ungam’thola kanjani enecala ophuphayo
Kulomhlaba lapho uthando luyi nzondo
Ilangabi lalo libandisa okwebala lenyanga
Impilo yonke osukwini olulodwa
Inhliziyo enothando ayizi qgizi qakala
Ngalezo zinto ezifana nesi khathi noma ibanga
Akuna y-izolo
Akuna kusasa
Uthando lunamuhla, njenga manje
Noma ngabe usondele
Noma ngabe uqhelile
Ngemuva kwezi ntaba
Ngaphesheya kwezi lwandle
Noma khona lapha
Ngaphambi kwami
Ngiku nkonkoshele ezingalweni zami
Uthando lulapha
Lulapha njenga manje
Kungani kumele ngicele uxolo
Mina lo, obonileyo maqede wa thanda
Ngithathe inhliziyo yami ngibalekisise
Nginga wuzwa umsindo we nyoni ihlabelela
Umoya kuphela oshaya ezindlebeni zami
Ngize ngingayizwa ingilazi iphahlazeka
Okuyuqobo lwenhliziyo yami
Lake laxolisa yini iqhwa
Ngoku ncibilika lapho libona ilanga

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success