[zulu, Inkondlo] Nginephupho Le Afrika Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Nginephupho Le Afrika

Nginephupho le Afrika
Ubumbano lwe Afrika
IAfrika ezibusayo, eziphilisayo
IAfrika ethi iphethe ubala, ikhiqize utho
Maqede ihwebelane yodwa
Ibuye ihwebe namazwe omhlaba
IAfrika ekhululekile
Yamadodana nama dodakazi azazisayo
Yabantu abamele impucuzeko, nenqubekela-phambili
Njengokhokho bethu ema ndulo
AmaGibhithe, amaOlmec (nama Moors) ...
Nginephupho le Afrika
Yamadoda empela, aziqhenyayo, aqotho
AMAQHAWE
IAfrika-
eyafelwa nguPatrice Lumumba
eyasukunyelwa nguNkwame Nkruma
eyabhadalelwa kanzima nguNelson Mandela
IAfrika ka Haile Selasie I
IAfrika yesimame, indlunkulu ehola imibuso
Yamakhosikazi alwela inkululeko no lwazi
AMAQHAWEKAZI
oCleopatra, oMaqeda, oNzingha, kanye no-oNyamazana
IAfrika engenakho ukuphalala kwegazi
Ngaphandle kwesizathu, engenayo indlala ne zifo
IAfrika engenabo ondlovu-kayiphikiswa
IAfrika ekhululekile
Ethatha indawo yobuholi
Efundisayo ngaphandle kokugqilaza
Ukuze umhlaba ubone kungenzeka
IAfrika
Engenazo izifika-namthwalo
Ngoba bonke abantwana abesisu sinye
IAfrika
Lapho indlovu idla emthini wezindlovu
Igorila itshakadula umathanda ehlathini
Ne bhubesi liya kozingela mhla lifuna
Ngoba uMdali walidalela khona lokho
IAfrika ka Bhambatha,
ka Sobukwe (Robert) , ka Fanon (Frantz) , ka Biko (Bantu) ,
ka X (Malcolm) , ka Garvey (Marcus) , ka Douglas (Frederick)
Ngingababala ngiqcinekuphi! ? -Amaqhawe! !
Nginephupho le Afrika
Kodwa kuleli ngeke ngiphaphame
Ngoba ngiphupha ngime ngazo zombili
Ngibheke ngawo womabili
Izingalo zami zivulekile, zelulekile
Ukuze zamukele labo abasangana ngalendlela
Yoku phupha kanjena nge Afrika

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success