[zulu, Inkondlo] Ngacela Uku Mamatheka Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Ngacela Uku Mamatheka

Rating: 5.0


Ngacela uku mamatheka
Wena wanginika uhleko
Ngacela ubu suku
Wena wanginika inyanga (ekhanyayo)
Ngacela ubungani
Wena wanginika obuqotho
Kodwa
Angikaze ngicabange ukuthi
Uyowuthola lowo khiye
Wokuvula ijele elibandayo lo mzwangedwa
Ijele lenhliziyo engabazayo
Ekhetha inxenye ye sinkwa
Kunoku thatha ithuba
Loku landela okwayo
Ngoba ingenakho ukuqonda
Ukuthi uthando lu thatha konke
Noma lushiye konke
Ngi nga thini
Seku kudala kakhulu yini
Sekwa qhela kakhulu yini
Akukho okuguqukayo
Ngilale, ngavuka
Ngicabanga ngawe
Ungabe sesedlule yini isikhathi
Isikhathi sokuba nesi qiniseko
Isiqiniseko ngemizwa ye nhliziyo
Inhliziyo efuna okwayo

COMMENTS OF THE POEM
zama 16 May 2022

i love you poem

3 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success