[zulu, Inkondlo] Kodwa Ng’yo Lobola Ngani... Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Kodwa Ng’yo Lobola Ngani...

Rating: 3.1


Kodwa ng’yo lobola ngani le emazweni
Izinkomo zakithi zahamba no moya nje!
Aku ntombi umntanomuntu, uSuka Sihambe!
Umamatheka ngamhlophe la amehlwana
Anyathele ngonyawo, ipensela, kube sengathi
Uyawuzwela lo mhlabathi...
Aw! Sengiyolithetha ligcwele mina ka baba
Ngoba lo oseyidlile, udli cala!
Kodwa Zulu uyangizwa na? !
Kusho mina ucelemba ubugawugawu-
Ogawul’ abezizwe wagawul’ abasemazweni!
Untombi z’ya mthanda z’yamlanda z’yamlandela!
Um'baban' uyabab' unjengo pelepele-
Omame bayakhala bathi lomfana
Useyinikeni lengane ngoba isencane nje...

COMMENTS OF THE POEM
Khanyisile Cele 28 February 2008

Nalena futhi imnandi

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success