[zulu, Inkondlo] Iyona Kanye Inkumbulo Yoku Mamatheka Kwakho Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Iyona Kanye Inkumbulo Yoku Mamatheka Kwakho

Rating: 2.8


iyona kanye inkumbulo yoku mamatheka kwakho
nayo lemicabango yo-kuthi siyobonana futhi
eyenza usuku lwami luvele luphelele
ngisho noma imvula ingishaya kuzwele

uze ungangehlukanisi namaphupho ami
ngitshele ukuthi usayobuya kimi
ithemba lami lise mazwini owashoyo
ngethembise, usayobuya kimi

ungangilindisi inguna phakade nkosazana
ngingaze ngibe umdodovu wekhehla
ngifuna ukuku thokozisa
emhlabeni wethu sobabili

nginga buye ngi thini ngi bhale okunjani
ngiphe ithuba lokuku bonisa
kunelangabi eli phenjwa nguwe, kalicishi
ngisho-noma ingaphephetha imimoya

COMMENTS OF THE POEM
nqobile nxumalo 16 July 2018

Ngiyazithanda izinkondlo yaz

2 0 Reply
Bathoko Hadebe 01 January 2010

That sweet my heart has been stolen by this one

1 2 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success