*umsinjwana Wohleko Lwakho Poem by LLM Mbatha

*umsinjwana Wohleko Lwakho

Rating: 2.7


Silinde eside isikhathi lesi
Ngicishe ngalibala
Ngalowomuzwa engiwuzwa kuphela
Uma ngibheke emehlweni akho
Lowo msinjwana wohleko lwakho
Leso sigubhu sokulangazelela kwami
Sathi sesitholene futhi
Kwangathi siyaqabukana nqa
Singakawagwinyi awokubuyelana
Kabusha
Singakalunambithi uju lothando
Singakalithathi nelokuqala ijika
Awu! Sawa bhu phansi!
Kwangathi siphephethwa omubi lo umoya
Kodwa uma uthi uyangithanda
Kumele uqondisise
Ngobugexegexe bendlela
Ubuntofontofo besikhashana
Ibuye ibe njalo eyothando
Eya othandweni, Duduzile-

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success