Ukuxhaphaza Poem by MONGAMELI MAZONGOLO

Ukuxhaphaza



Bathathe sgubu sebengenile,
awunakungiphinda ngoba uyangixhaphaza sengibonile,
impilo yami angeke ize idlale umuntu sengjimile,
ngizizwile ezomhlaba zingvivinyile,

sengifana nesikorokoro ngoba songiqedile,
sengiphelile ngoba songifunxile,
akunakuba kuyashisa noma kuyabanda ngoba ngihlala njalo ngikhalile,
uthando luyefana nokuxhaphaza ngoba sowungalile,
impilo nekusasa lami sowuzibulalile,
ngesinxa sakho incwadi ngiyifunda ivaliwe,
ngiphumula mowungekho ngoba mowukhona ngihlala njalo ngikhalile,
ngoba iyangixhaphaza,

insizwa uyishiya ibhuqeka ngoba igciwane sowulifakile,
umama umshiya enjongoshephisi ngoba somnxanxathile,
awusimuntu ngoba umuntu umshiya ebolile,
intombi uyishiya ibhayiza ehlane ngoba ubuntombi sowubuthathile,
indoda yomfazi uyimungunya maqede uyishiye ngoba umfazi useybalekile,
kubi ngoba uyabaxhaphaza,

angisiso isigqila ngoba wena njalo uhlala ungithumile,
nginolwazi ngomhlaba kanye nemicabango ejulile,
intsha nontanga bami manje kabendile,
kawuboni yini ukuthi ukuxhaphaza akulungile,
uxhaphaza kwasani akunakuba akafundile,
umxhaphazelani ngoba umshade umthandile,
kawusuke ebantwini ngiyakuthandaza,
ngoba uyabaxhaphaza,

umuntu umshiya ekhubazekile,
udonga ulishiya lixhafazekile,
ngoba ulishaya njalo uma ukhathazekile,
ngingathi uyinja ngoba umuntu uyamnakaza,
kubi ngoba ubaxhaphaza,

ngawe angisakwazi nokufakaza,
ukhulile umdala lento oyenzayo iiyangmangaza,
uzenzile ezobungane wazibona ezomhlaba nami ngiyeke ngiphile impilo emnandi,
engenza kubengathi ngeza la emhlabeni ngingathandi,
ngoba uhlale uthi uzongigankaza,
kubi ngoba uyangixhaphaza,
yebo uyangixhaphaza


by: Mongameli Mazongolo
date: 2014/05/11

Sunday, May 11, 2014
Topic(s) of this poem: art
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
stop, women abuse, child abuse and all forms of abuse
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success