senzokhaya umhayi

Rookie - 0 Points (1991/07/30 / Mtubatuba)

Ubadla Skuni - Poem by senzokhaya umhayi

UBADLA SKUNI

Nsizwa yakithi uthi uliqhawe,
Uthi uyindoda uze uzishaya isifuba ngawe,
Nabangani bakho uthi bayaziqhenya ngawe,
Uze uthi akekho ofana nawe,
Ngith izozika lenqanawe,
Othi uthembele kuyona kanti yona ayethembele kuwena,
Ubadla skuni.

Usibukela phansi thina, uthi sihambela emhlabathini,
Nawe uzowa phansi isemhlabeni lapha,
Abaziyo bathi lomhlaba uyahlaba,
Usubahlabile abaningi basemhlabathini kuyimanje,
Ubadla skuni.

Lomthwalo owuphethe uzokusinda njengoZahara,
Uloliwe uzokududula udidizele uwe udindibale,
Uhubhana notalagu lento yahlula okhokho bakho,
Uzitika ngoshukela nje uyawabolis' amazinyo,
Uzosala ngolimi ufane nalaba asebephila ngetiye,
Abaliphunga ekuseni nantambama baphumula emini,
Ubadla skuni.

Uhamba ubutha zonke izibi,
Ungumlimi otshala ensimini enkulu evundile ejike unganiseli,
Eshiye imbewu engenamniseli,
Ihlume imbewu ithele izithelo ezibolile,
Osisi ubashiya bebonile,
Izinyembezi zabo zilokhu zehlile,
Lapho usudlulile usuhamba nabanye,
Ubadla skuni.

Impilo yakho uyiphethe ngesaka,
Bathi abafethu besakhanda ufike ubhidlize,
Ikusasa lodadewethu ufike ulidilize,
Ubafuthe izisu uzishiya zigcwele amathambo,
Ubaleke ujike ungabaniki uthando,
Ubashiye nomthwalo wansondo,
Ujubalale unyamalale besale bemelwe inqondo,
Izalwe ingane ayinababa ozoyinika uthando.
Ubadla skuni.

Ubashiya nempilo inzima,
Kepha isono sakho ezulwin sikhulu,
Noma ungaba nezintombi ezingamakhulu,
Noma ungabashiya nezisu ezinkulu,
Lemithwalo yabo izoba intshe emahlombe akho,
Kodwa mfethu uthi uyiqhawe
Ubadla skuni..

By senzokhaya, © 2013, All rights reserved.


Comments about Ubadla Skuni by senzokhaya umhayi

There is no comment submitted by members..



Read this poem in other languages

This poem has not been translated into any other language yet.

I would like to translate this poem »

word flags

What do you think this poem is about?



Poem Submitted: Thursday, September 19, 2013

Poem Edited: Friday, September 20, 2013


[Hata Bildir]