Tsholofelo Phakathi Poem by Tsholofelo Phakathi

Tsholofelo Phakathi

ngithi yimi utsholofelo wakwa phakathi,

ngisho lentombazane ensundu ngebala ngoba ithamela ilanga nasebusuku,

ngisho lentombazane ekhulumela kafuthi ngathi yake yabona umhlaba udikizela,

ngisho lentombazane ezibonayo kodwa vele ngizobonwa ngubani mangingazi boni siqu sami,

ngisho lentombazane abantu bahlake benyawa izinsini ngegama layo,

ngisho lentombazane abahlale bethi bayayazi kodwa ngiyazi ukuthi banephutha,

ngisho lentombazane abathi ngeke ize iphumelele ngoku loba izinkondlo kodwa ingani ngilapha ngikhona impumelelo leyo,

ngithi yimi utsholofelo wakwa phakathi

2sholo4elo da poet

Saturday, April 19, 2014
Topic(s) of this poem: hope
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success