True Definition Of Ighayi Poem by Sandile mngadi.

True Definition Of Ighayi

Ilo othi momboni uzibuze ingabe wuye uPhumzile
Imvama bazazi bebahle kodwa weee
Uma uzohlangana naye uba nelikhulu ilukuluku
Phela kwiprofile yakhe kuhlale kunesithombe saSaziwayo
Njengo Beyonce, Rihanna noma Helly Berry
Uma umthumela umqhafazo uba namagama amnandi
Njengo Honey, Sweetie, Babies
Imvama umqondo wakhe uhluzekile
Ungafunga ukuthi ngale kwakhe izulu elincane
Akuve ekwazi ukuqoqa inkuluma uma ukhuluma naye ocingweni
Usho kancane laze lalihle izwi kanti weee
Uma ehamba nabangani beya emcimbini
Uyena lobhedisa uhlelo lwamajita
Uvele kuthi senizibona nizowola avele afune ukuya ekhaya
Baphoqeke omanakazi laba abahle ukuthi basichithe bayolala emakubo
Eish the true definition of ighayi
Uma ejola indoda yakhe imbona ebusuku uma izomlanda
Into ezokumangaza akabanjwa kubo ukuthi ubelele amalundu
Ubuya ilanga lingakaveli esengena endlini besahhuqa obudala ubuthongo abazali
The true definition of iGhayi
Ilona uma kuthiwa ukhulelwe
Kuthuka wonke umuntu endaweni
Befuna ukwazi uyise wengane
Imvama ingane zeghayi ziba zinhle
Nobaba womntwana kuba umlisa obungamboni ezombheka
The true definition of ighayi
Kodwake bangabantu nabo

Umhlaziyi Ozimele
Sandile Mngadi

Wednesday, August 12, 2015
Topic(s) of this poem: lament
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success