Ngihalel'Ukubavezel'Abonke Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

Ngihalel'Ukubavezel'Abonke

Rating: 5.0

Ngihalel' ukubavezela bonke
Ngingakakusho konke ngifis' ukumthatha ngimtshengis' izwe…
Ngimkhiphele lonke
Thath' i washi lakh' ulifak' emanzini…
Usichith' isikhath sakh' uyibuke lentokazi
Ngimnike nje lona lonke
Kub' eyakhe lenhliziyo yonke

Ngimi phamb'kwami ngiyazibuza…ngiyaziphendula
Ngiyazi phendula imuphi odlula lo?
Imina lowo ngididiyela imibuza kimi ngami kuye ngedwa
Ngiyazi buza ubani lo?
Ilo omuhl' obonwe, amehl' ami…othint' inhliziyo yami…
Wathinta imizwa yami waze wayothi thabalala kumina ngaphakathi…
Kuhle kwebhanoyi malihlala…maqede lith' ukuhamba' ibangana
Qedane lime nse…
Ibanga na ukusuka kumina kuya kuye?

Ngihalel' ukubavezela bonke
Ngingakakusho konke ngifis' ukumthatha ngimtshengis' izwe…
Ngimkhiphele lonke
Thath' i washi lakh' ulifak' emanzini…
Usichith' isikhath sakh' uyibuke lentokazi
Ngimnike nje lona lonke
Kub' eyakhe lenhliziyo yonke

Uzingenele nje lakumina ngingambiza nge heartbreak kodwa
Akayiphulanga inhliziyo yami…ukuthi ngath' uqhekezile
Ngididekile ngoba nama camer' agade le eyam' inhliziyo akambon'engena
Mabili kodw' akambonanga…uyena obonewona wawalinga
athumela umyalezo ophuthumayo enhlizweni
Lo oyintokazi yakwabo ziphelele
Angathi ngingalokhu ngimbuka nje…
Ngamehlo ngiziph'elele
Mangase avume ngingazikhipha ziphelele
Ngiphen' ikhalenda ze ngithole' i date nale ntokazi
Lentokazi ngiyazi bona nje isingakumina
Sengeke nje ngiziphekele
Useyitholile nje lakumina i bachelor yokuqala i bbe…bachelor of beautiful
Eyama phuph' ami, elandelayo i blo…bachelor of love
Unale smile esing'busayo, esingbusisayo
Mangimbuka ngath' uzothi ‘'baba usho masuzela…masuze la kumina'

Ngihalel' ukubavezela bonke
Ngingakakusho konke ngifis' ukumthatha ngimtshengis' izwe…
Ngimkhiphele lonke
Thath' i washi lakh' ulifak' emanzini...
Usichith' isikhath sakh' uyibuke lentokazi
Ngimnike nje lona lonke.....
Kub' eyakhe lenhliziyo yonke

POET'S NOTES ABOUT THE POEM
ILOVE THIS GAL
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success