Namhlanje Usuku Olukhulu Poem by senzokhaya umhayi

Namhlanje Usuku Olukhulu

Namhlanje usuku olukhulu

Isibhakabhaka sicwebile phandle,
Nami ngikhiphe ucikicane,
Ngizicuphe ngiyacosha ngesidwedwe,
Ekhanda ngichusheke isigqoko esimhlophe sachonywa uphaphe olubomvu,
Emahlombe nginembe ihembe lami likanokusho elimhlophe njengamafu esibhakabhaka,
Ngaligqikela entanyeni ngontanjana obomvana sakubende,
Ngase ngevatha ngebhantshi elibomvu njengewayini lamangisi,
Okhalweni kuya phansi nginamathisel' ibhulukwe elimhlophe chwe elingahlalwa mpukane,
Elithakathwe ngohlobo lwendwangu kalineni,
Noma sezithe ukuphasha izinxabulela zami kodwa nazo ziphahle ngomubala obomvu bese zisho ngamadevu zintambo zimhloshana,
Esandleni sokunxele ngiphethe imbali engiyithenge ngeshumi lopondo esitolo sikamazithathele eflea makethe,
Lolu uhlobo lwe Rozi oluheha ngisho izinyosi ezinkalweni.
Ngilukhethe kweziningi izinhlobo zekhethelo,

Ngifuna kube into ebengayilindele angimazisanga,
Ngimlethele emnyango wendlu yakhe,
Nokho sesiside isikhathi nginqonqoza,
Uma ngimthumelela umyalezo kumakhalekhukhwi uyangena,
Sengimdonse izihlandla ezimbalwa ocingweni,
Ke lona lutho akalibambi,
Nelanga liyashona ngimile emnyango,
Endlini ngaphakathi khona okushaya amanzi,
Kancane ngiyawuzwa umsakazo ukhalela phansi,
Ngibhek' eceleni kwendlu kunemoto emile,
Liphel' ithemba ngibon' ukuthi sebemthathile,
Kushut sonke lesi khathi ubengibhaqhile,
Yonke leminyaka ubelokh' engenza isilima,
Ngibuye ngiziduduze,
Ngithi angeke,

Ngikhumbule impela iyona indlu lena,
Nekheli yilo leli angibhalela lona,
Ngihlehle kancane emnyango,
Zehl' izinyembezi kancan' ezihlathini,
Ngidl' imihlathi, ngiziqinis ngime isibindi,
Esandleni ngiyipicize kwalembandlana ebengithi ngimlethele yona,
Kodwa ngemal' yami yokugcina,
Ngihudul' izinyawo ngiyophuma ngegede manje,
Lapho sengithi ngiyaphuma,
Ngiphenduke ngibhek' indlu okokugcina,
Ngibuk' ikheli, impela ilona,

Sengizidele amathambo ke manje,
Impela kuzoqhuma aluhlazane,
Kuzomane kufe ofayo,
Akukho ntomb' yami yathathwa ngibhekile,
Ngibafunge okhokho bami bonke,
Ngiphindele ngesankahlu manje,
Kwale Valentine izophenduk' eyegazi,
Okungenani kuzophuma isidumbu,
Nginesivuthevuthe manje,
Ngidiniwe sengilahle kwambali,

Sekuthe ukuhwalala emnyango manje,
Sengith' ngiya wushaya nje umnyango,
Ngizwe isandla singithint' emqaleni,
Ngiphenduk' ngesibhakel' engasipons' ebusweni,
Lomunt' wawa wafadalal' phansi,
Ngamkhahlela!
Ngamkhaba!
Wakhala ngezwi lowesimame pho,
Sengith' ngiyasondela ngimbhek' eduze,
Ohhh nkosiyam! ! !
Isithandwa sam nje lesi,

Kusenjalo ngezw' umnyango uvulek' emva kwami,
Ngezwa ngent' ingikhahlel' eqolo,
Ngath' ngiyaphenduk' uSbari,
Kumnyama akang'boni,
Wadons' ivolovolo,
Ngath' ngiyabaleka,
Wasinamathisel' eqolo,
Angikwaz okuningi okwenzeka emva kwalokho,

Kepha ngavuk' emashidini amhlophe,
Nembali ebomvu enhla kwesiqamelo sami,
Wayehlel' uNomusa eduze kwami,
Noma naye wayebhandishile emehlweni,
Wabe seyash' ukuthi ngaleyamini,
Naye wayeyobheka mina ezimpohlweni,
Ngebhadi wakhohlwa umakhalekhukhwini endlini,
Ubhuti wakhe wayeboleke indlu nentombi yakhe,
Ngoba kwakuwusuku lwe Valentine,
Ze bezithokozise njengezithandani.
UNomusa akaphindanga wabuya wazongibona emva kwalokho,

Namhlanje ngihleli ku esihlalweni sabangakwazi ukuhamba (wheel chair) ,
Ngisazicuphile ngokotini omhlophe nobomvu,
Esandleni ngiphethe imbali ebomvu yohlobo lwe Rozi.
Ngimlindile hleze engahle eqhamuke,
Phela namhlanje usuku lwezithandani.
Usuku Lwe VALENTINE.

Happy Valentine's Day

Ibhalwe USenzokhaya Umhayi

Monday, September 15, 2014
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
zamokuhle 31 August 2019

yooo yaze yangikhalisa inkondlo👊👊👊ishayiwe

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success