Leyomini Poem by senzokhaya umhayi

Leyomini



Lashon' ilanga layozilahla kunina,
Yafik' imini yezinyembezi
Imin' yezinhlupheko,
Imini yobumnyam' ebalekis ukukhanya,
Ngenhliziyo yami ngiyabalisa,
Ukuhlupheka kwami kuningi ngikubala kudlul' iminwe,
Kungcon nal' ilanga lizilahla kunina,
Mina ngiwumtshing' ubethwa ubani anginabani,
Ukubalis' nezinyembez' ikhon' okubusi impilo yami,
Okwam' okwezandl kub' okwezinyawo ngabe kuyangshiya,
Njengo mam' owangshiya ngingenabani,
Ngob' ukuf' izembe eligawula noba ubani
Leyomini ang'soze ngaykhohlwa,

Namhlanje ngiyintandan' engenabani,
Angiluth' entendeni yesandla sami kugcwel usizi nenhlupheko,
Amandl' awaphelile umthwal' ongehlelil' onzima,
Umhlaba wami uyazamaza,
Ngiwa ngivuka ngizam' ukzama,
Ngiyazabalaz' ang'na bazali,
Ngiyintandane ngidla ngedwa,
Sengphenduk' udlayedw' inkomo esehlane,
Ngiy'mina ngiy'mina,
Angsoze ngaykhohlwa leyo mini,

'Mfana wami khula, ufunde uzithande,
Ngiyak'thanda mfana wami'

Lawo mazw' amazwi kamama wami,
Amazw' akhe okugcin' emhlabeni,
Amazw' akh' engigcin' ukung'bona,
Amazw' akh' ayisiyalo sokugcina angipha sona,
Lamazwi'ayohlal­a kim inguna phakade,
Koze kube inguna phakade ngicabanga ngaleyomini,
Eyafika langishonela yangicishela isiban' empilweni yami,
Namanje ngisazilile,
Angisoze ngayikhohlwa leyomini.

LEYOMINI
By senzokhaya,

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success