senzokhaya umhayi

Rookie - 0 Points (1991/07/30 / Mtubatuba)

Iyangidla Lento


Ezweni sekuthulekile phakathi kwamabili,
Phakathi ezindongeni zendlu yokuzikhulula,
Ozakwethu sebedonsa obude emaphusheni,
Zibuye zingidle lezi zinto zomhlaba,
Amadlebe ami elume abuye lamazwi angihlabe,
Amehlo ami ehlengezele izinyembezi,
Ngingeke ngisamuzwa ethi angenzeni,
Ngingeke ngisamlalela uma ethi angingenzi ini,
Sekuba ukuyikhumbula imiyalo yakhe.

Izwe lakithi ngalishiya ngaduka nezintaba,
Ngibafulathela abaphehli bempilo yami,
Ezweni elikude ngabubhadama ubumnandi,
Emazweni ngabafumana abangani,
Ngalibala imiyalo nesicefe sokudonswa ngendlebe mihla namalanga,
Ngaqala ngakubona okuhle okukanhliziyo ngiyise,
Ngazinesa ngempilo kamathanda nhliziyo,
Nganyathela ka nyawo zami zinethezekile

Ozakwethu babebahle bekhazimula,
Emzimbeni bekhafula amakha,
Nami angizibekanga phansi,
Ngomnyama ongenanyezi ngabalandela,
Ngaye ngawuhosha umkhokha wonondindwa,
Emakhoneni omgwago sengiphenduke umahosha,
Ngigqebhezile bathe angivez' amathanga,
Bath' uvalo nengebhe angikushise ngamanz' amponjwana,
Bath' umzuliswano ngizowubiza inyathi,
Nebala ngayithatha imiyalo yabo,
Ngayilibala enganiselwa ngayo ngikhuliswa,

Besiphuma sihaze lonke idolobha njengamachwane esikhukhukazi,
Besilala nabanumzane bemizi,
Besilala nobaba abanemikhaba,
Impilo sayiphila ngesandla sesinxele ngaphandle kwesisekelo,
Namhlanje abasekho abangani abazongisekela,
Igazi lami selingijikele langidla ngombulalazwe,
Sengisele ngingedwa akusekho ukubuyela emuva,
Sengihlezi ngibuyekeza lemiyalo,
Engasoze yabuyela emuva ngiyenze kabusha.

Engabashiya emuva ngiyesaba ukubabheka,
Mengibona ontanga engakhula nabo ngingena ezintangeni,
Nabo abasangiboni ukuthi yimi lona,
Engangidonsa amehlo esoka lingaphesheya,
Ngezikhathi zami kwakuyimi,
Kepha manje kancane kancane ngiyaphela ngaphakathi,
Ngahamba ngayishiya imiyalo yabazali,
Namhlanje endlini yokuzikhulula ngichama igazi,
Ukufa sekumuka nami uthuli,
Umzimba wami ugawuleka amalunga ngamalunga,
Iyangidla lento ngaphakathi.

Submitted: Tuesday, November 19, 2013
Edited: Wednesday, November 20, 2013

Do you like this poem?
0 person liked.
0 person did not like.

What do you think this poem is about?



Read this poem in other languages

This poem has not been translated into any other language yet.

I would like to translate this poem »

word flags

What do you think this poem is about?

Poet's Notes about The Poem

Iyangidla lento.
- -
By senzokhaya, © 2013, All rights reserved.

Comments about this poem (Iyangidla Lento by senzokhaya umhayi )

Enter the verification code :

Read all 1 comments »

PoemHunter.com Updates

New Poems

  1. Life's a Ball, Alice Cordy
  2. 'Did I ever Exist? ', Ananta Madhavan
  3. Keep safe, hasmukh amathalal
  4. Sunshine, Hanh Chau
  5. The Power Of Prayer, Tom Zart
  6. Mini Pool Tournament, RoseAnn V. Shawiak
  7. Tonight And Every Night, Michael McParland
  8. Ongoing Mental De-Evolution, michael walkerjohn
  9. Crossroads Of Destiny, RoseAnn V. Shawiak
  10. Spaces Of Intellect, RoseAnn V. Shawiak

Poem of the Day

I

Our life is twofold; Sleep hath its own world,
A boundary between the things misnamed
Death and existence: Sleep hath its own world,
And a wide realm of wild reality,
...... Read complete »

 

Modern Poem

poet May Swenson

 

Member Poem

Trending Poems

  1. Annabel Lee, Edgar Allan Poe
  2. If, Rudyard Kipling
  3. The Road Not Taken, Robert Frost
  4. If You Forget Me, Pablo Neruda
  5. Phenomenal Woman, Maya Angelou
  6. Still I Rise, Maya Angelou
  7. Invictus, William Ernest Henley
  8. No Man Is An Island, John Donne
  9. The Raven, Edgar Allan Poe
  10. Do Not Stand At My Grave And Weep, Mary Elizabeth Frye

Trending Poets

[Hata Bildir]