Iqiniso Poem by M.C Madlala

Iqiniso



Nansi inkondlo emnandi thula
Makhukhona okukusindayo ngizokwethula
Impela ngiyazi ngeke kube lula
Ngakho ngiyakucela ulalele
Noma ungezela ungalali la ulale le

Bathi iqiniso liyababa
Banamanga abakaze balidle
Phela bayalibalekela, abalifuni
Ungafunga ukuthi yindle
Ngiza neqiniso elimnandi alibabi lidle

Uzibiza ngomculi we accapella
Ekhaya kini kunje, akha phela
Mina ngiyakuvuma uyinkunzi impela
Indwangu uyayazi ushintsha no Carvellar
Uhamba ngemoto kodwa ulala kosofa
Ngempilo yakho uhloseni so far
Ifridge ekhaya igcwele amanzi
Uphuzisana nabantu ongabazi
koMbalii imali uyikhipha awunanazi
Ngikutshela iqiniso
Am not folding you angikugoqi

Dadewethu ungachazeki
Vele uyadlula akabambeki
Angzukuthi yeka kodwa ngizothi yehlisa
Dadewethu ziphathe kahle uyeke ukwehlisa
Ukwehlisa, esakho isithunzi kuyasehlisa.
Noma bekuncenga bethi kancane ungavumi
Ukancane uyona ngoba bayavela abancane
Nangu usekhona omncane
Kuzomele umondle awunachoice
Angith uwena olale ngaphandle kwechoice
Angithi benichoma nithi ningamalovers
Kodwa ningethembani ningenaTrust
Ngikutshela iqiniso
Am not folding you angikugoqi

Bathi iqiniso liyababa
Banamanga abakaze balidle
Phela bayalibalekela, abalifuni
Ungafunga ukuthi yindle
Ngiza neqiniso elimnandi alibabi lidle

Tuesday, September 30, 2014
Topic(s) of this poem: friendship
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
M.C Madlala

M.C Madlala

Msinga, Tugela Ferry
Close
Error Success