Imizwa Kamakhwapheni Poem by senzokhaya umhayi

Imizwa Kamakhwapheni



mizwa kaMakhwapheni

Collaboration: Senzokhaya umhayi neMizwa

Thando lwenhliziyo zithobe,
Ngicela uphole udedele igazi,
Nhliziyo yami xola uzilalise ungathathi ngamawala,
Bamba nenqondo yami ukuba ingajuli ize izikhohlise ngaye emaphusheni,
Ngicela niqonde ukuba mina angiyena umaqondana kuye,
Noma bengifisa ukuthi ngelinye ilanga sibe naye emndenini,
Njengomhlengikazi obezonenelisa aninese ngenjabulo,
Anijabulise lapho nijabhile,
Kepha iqiniso lisigabhile,
Phela kunalo asemthathile,
Thina sasuke sasindwa zinyawo,
Yingakho nje esigcine sicashile ngaphansi kwekhwapha,
Ngalokho jabulelani ukuthi sigcine sesimtholile,
Ningabheki ukuba asimbonanga izolo nanamhlanje,
Thina asibonge noma esibone kanye ngeviki,
Sithokozele nje ukuthi uma simbonile uyasikhisa emthonjeni siphuze sidele ngaleso sikhathi,

Nakimi kubuhlungu noma ngazi nje ukuthi ngiyishende,
Kuyahlaba kuyaphukela ngaphakathi,
Akwehli kahle lapho ngimbona sebemphethe ngesandla besithela naye,
Mehlo ami nimbheke kodwa ngingagxili kakhulu,
Noma ephenduka ebheka emuva esibheka lapho bemxhakile,
Ze ningalili nizimumathe izinyembezi,
Ngoba yena ngiyamazi mina,
Eyakhe inhliziyo ilapha kithi,
Duduzekani ngalokho nizikhothe amanxeba,
Uzobuya ezosisula izinyembezi,
Hlalani ethembeni naye nimgcine esemaqophelweni,
Ze ethi efika engaboni ukuthi sike salila ngenkathi sisamlindile,
Simkhombise ukuthi besimkhumbulile ngesikhathi esahambile,

Imizwa:
Uthi asenzenjani,
Simbonile samthanda thina,
Ngakho samgcina ngaphakathi emajukujukwini ethu,
Wena umfakile wasicela ukuba simthathe,
Namhlanje uthi asizithobe singakhali,
Singahlabeki kepha sibe sixhoshwa sibhekile,
Sibe sibona bemthatha phambi kwakho behamba naye,
Sibe simbona ebanjwe omunye,
Uthi singathula kanjani singalili sibe silimala,

Okubuhlungu thina bese sizithembisile,
Sikuthokozela ukuba usuze wamthola ekugcineni,
Kepha futhi kanti naye owesikhashana,
Uthi ukhosele ngaphansi kwekhwapha,
Nakithi akwehli kahle kithi,
Ukube besicabangela kweyakhe inqondo,
Nawe ukube bekuthanda ngokwanele,
Ubezoshiya phansi lo asehambanaye,
Ejike ebheke emuva ebuye kithi,
Kepha ngoba simncinyane kweyakhe imizwa,
Uthatha kude emqondweni ukuba esicabangele,
Kepha uthi thina asilale ngenxeba sidedele igazi,
Kepha sihlabekile siphukile siyopha ngaphakathi,

#both poems are wriTten by Senzokhaya Umhayi.

Monday, September 15, 2014
Topic(s) of this poem: love and pain
COMMENTS OF THE POEM
Amanda 03 March 2019

Uyabhala Ruth zimnandi izinkondlo zakho senga ungangfundisa nam

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success