Igama Elisha Poem by M.C Madlala

Igama Elisha



Senginegama Elisha
Okudala kudlulile bheka kuvela okusha
Izolo bengiyisthandwa namhlanje ngiwuma womtwana
Mangihamba babeth owaphi lomtwana
Manje bangibuza ukuthi umshiyephi umtwana

Phela wena wawuthi ngiwuye umaqondana
Angazi noma lento owayisho uyayiqonda na
Akusasizi ukukhala angikushiye ngokuthula
Mlomo wami ungasabalisi ngoku thula
Ngiyezwa kuthiwa ujola noThoko
Angikushiye naye ube ngothokozayo
Ze umphathe kahle ke naloyoThoko ozayo
Kusasa kimi ipiki nefosholo
Kodwa ngiyazi uyalandela for sure lo

Uzenzile akakhalelwa, kukhalelwa uzumekile
Kimi bekunjengephupho okomuntu ozumekile
Ebumnandini bengingaphuthelwa
Lapho ibingakhulunywa eyokushelwa
Impela bekungifanele ukukhulelwa

Mama ngiyazi ngikonile
Umthetho neziyalo ngikwedlulile
Kodwa manje sengikhulile
Emaphutheni ngifundile
Wangiyala wangifundisa
Wangishaya wangikhulisa,
Wangiyisa nasenkulisa.
Mina ngivumele abafana bangphuphisa
Bheka senginegama Elisha
Okwakudala kudlulile bheka kuvela okusha
Izolo bengiyisthandwa namhlanje ngiwuma womtwana
Manghamba babeth owaph lomtwana
Manje bangbuz ukuth umshiyeph umtwana

Tuesday, September 30, 2014
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
1 / 7
M.C Madlala

M.C Madlala

Msinga, Tugela Ferry
Close
Error Success