Anginalutho Esandleni Poem by senzokhaya umhayi

Anginalutho Esandleni



Intokozo ngeyethu,
Umoya wami uyathokoza lapho unukelana nephunga lakho,
Inhliziyo yami iyakitazeka uma ikhahlelana neyakho,
Amehlo ami ayayibona inhlansi uma ebhekene nawakho,
Amaphupho ngiyawadlinza ephumelela sibabili uma ungowesibili 'nhla kwami,
Angiyiboni impumelelo uma wena uphesheya komfula,
Noma ngingenalutho esandleni uma esami sibambe esakho isandla,
Esakho isandla sifane nezulu nomhlaba kwesami,

Mpilonhle mpilonde lapha kithi,
Khethokuhle ngikhetha khethe engimthandayo,
Injabulo yami ayiphile enhliziyweni yakho,
Ubambo lakho angingalephuli,
Angingabi imbangela yokuhluthuka komoya wakho,
Angikunike lonke ngezandla ezimhlophe,
Zimhlophe nje azinanto,

Eyami indima ayikho nzima kepha ijulile,
Olwami uthando alunabucwebe kepha lunzulu,
Amaphupho ami ngawe awanawo umkhawulo,
Okulapha ngaphakathi kwami okwemizwa,
Kepha okuzwa ngomlomo wami amagama nje ahlanganisiwe,
Engiwasho ngenhloso yokukugcobisa amafutha achichima ngaphakathi esifubeni sami,
Okomlomo okuphinyiseliwe nje,
Izenzo zizokwelandela,

Ngaphandle kokuzilengisa ngemigomo nemibandela,
Ngaphambi kokuba ngikwethembise okungaphezu kwamahlombe ami,
Engikusho ngomlomo uzokukholwa ngezenzo,
Alikho izulu nomhlaba ndawonye kwelakithi izwe,
Kwamina angikaze ngiyigibele indiz' mshini,
Nezindodla zegolide nesiliva zange ngazitapa ngezami,
Izandla zami zikhangezile njengegula,
Wena thela uthando njengamanzi,
Ze ngithintithe ukoma,
Entendeni yesandla sami kulele ikati,

Emhlabeni angicebile ngidla ibhuya ngothi,
Ubukhazikhazi ngincishiwe khona,
Nami ngiyathanda ukuzicupha ngokotini kanokusho,
Nami ngelinye ilanga ngiyafisa ukukuthengela umgexo wedayimane,
Ontanga bami bangimpintshile ngesidwedwe,
Kepha uze ungadidwa ubukhazikhazi nobucwebe basemhlabeni,

'Okomhlaba kuyosala emhlabeni, kepha ngizokunika okuse nhliziyweni, ngoba khona kunguna phakade'.

Anginalutho esandleni.

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success