Members Who Read Most Number Of Poems

Live Scores

Click here to see the rest of the list

(1991/07/30 / Mtubatuba)

What do you think this poem is about?

For Example: love, art, fashion, friendship and etc.

Abadala Ngiyabalandela

Abadala ngiyabalandela,
Empilwen yami bahlahl' izindlela,
Bangikhanyisela amakhandlela,
Ezindleleni zami bayangihlenga,
Baphethe okhiye bam' amasango bayangivulela,
Uma ngiphethe bona bayahlehla oMavimbela,
Ngenhlonipho yabo uma ngihamba ngiyabingelela,
Ngishaya iSalute noma ikuphi uma ngivela,
Ngiya nqonqoz' amasango bayangivulela,

Ngempepho iyona incwadi yami,
Ngiyiloba ngisemsamo ishunqele khanda lami,
Ngicel abadal bengiqhelisel' izitha zami,
Ngicel izinhlahl' aphumelel' amaphupho ami,
Ngihogelis' nalabo abathandiweyo bami,
Bengigcobe ngempumelel' empilweni yami,

Amabhadi aqhele kimi, ashabalale njengamazolo,
Izindlela zami zikhanye njengonyezi ngoncibijane,
Izitha zami zibaleke ngamajubane,
iksasa lami liqhakaze likhanye,

Ngivune izivuno zempilo,
Ngivunule namajaz emfundo
Ngivuye ngihlabele abadala.

Ngibonge uthando abangiphe lona,
Nenhlonipho abang'fundise yona,
Ngibathobe amanxeba abadlule kuwona,
Bekhulisa lentandane eguqe bhampi kwabo,
Ngibonga impumelelo abangiphe yona,
Noma bengasekho,
ABADALA NGIYABALANDELA..

Submitted: Tuesday, November 19, 2013
Edited: Wednesday, November 20, 2013


Read this poem in other languages

This poem has not been translated into any other language yet.

I would like to translate this poem »

word flags

What do you think this poem is about?

Comments about this poem (Luphi? by senzokhaya umhayi )

Enter the verification code :

There is no comment submitted by members..
[Hata Bildir]