M.C Madlala

M.C Madlala Poems

Kungani enikezwa ibail ngoba ubulele
Kungani kuthiwa ungumsolwa ebe ebulele,
Uyachanasa ngaphandle umfowethu yena ulele
Kanti kungani engagqunywa ejele
...

Sibonga yona le eyodwa owayizala
Noma singazi ukuthi zingaki osazibulala,
Phela imithombo ethembekile iyasho
Ukuthi ziningi esezalala kobandayo lo umhlaba.
...

Ngiyindoda madoda
Nami ngiyindoda emadodeni
Bathi indoda ayikhali,
Kant ubani owathi umuntu omubi
...

Mama ngiyazi umoya
Wakho ngiwephulile
Umthetho neziyalo ngikwedlulile
Kodwa manje sengikhulile
...

Nansi inkondlo emnandi thula
Makhukhona okukusindayo ngizokwethula
Impela ngiyazi ngeke kube lula
Ngakho ngiyakucela ulalele
...

Senginegama Elisha
Okudala kudlulile bheka kuvela okusha
Izolo bengiyisthandwa namhlanje ngiwuma womtwana
Mangihamba babeth owaphi lomtwana
...

Ngithanda intombi yomngani
Njalo mangibona ngyazisola ukuth angishelanga ngani
Ngidliwa umzwangedwa angazi ngzotshela bani
Okwebutho likaZulu angizufela ngaphakathi
...

Ngyamemeza ma-Afrika ngizweni
Ngimemeza ngisekhaya angikho nasembizweni
Ngifuna ukunitshela lokhu okusemizweni
Sikhohlwa ukwenza okwethi, siye kokwasemazweni
...

The Best Poem Of M.C Madlala

Umbulali

Kungani enikezwa ibail ngoba ubulele
Kungani kuthiwa ungumsolwa ebe ebulele,
Uyachanasa ngaphandle umfowethu yena ulele
Kanti kungani engagqunywa ejele
Kuthiwa abukho ubufakazi
Ukubulala akuseyilo icala kanti?
Umbulali akaseyikufa yini kanti?
Uyababulala akabadli yini inhloso kanti?

Bafela imishwalense, hawu mali ngokuba
Impande yesono, bafuna imali
Abasesabi ngisho isono.
Babulala osomatekisi bebizwa ngezinkabi
Ukuthula ematekisini phansi izikhali.

Kanti usayaphi unembeza ebantwini?
Okotshwala abantu bajika esiswini.
Ngithi ungumngani kanti uthi lala lulaza
Thatha konke okwami ugweme ukubizwa ngombulali

Ababulali baphila eside isikhathi,
Kufa abafowethu abalungile,
Kodwa uma kuyintando yakho
Baba kulungile, amabread winner alele
Kodwa ababulali abayi ejele.
Kuthiwa ababulali benza ubulwane
Kodwa asikho engake ngasibona
Siphethe isibhamu, kudlalwa ngazo
Ngoba zingenakuziphungela.

Phansi umoya ukuthula
Makwande ebantwini! ! !

M.C Madlala Comments

M.C Madlala Popularity

M.C Madlala Popularity

Close
Error Success